EzintshaOrlando Pirates

I-Orlando Pirates iqinisekisa ukusayiwa kukaSipho Mbule

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ujoyina amaBhakabhaka mahhala ngemuva kokuphelelwa yisikhathi kwenkontileka yakhe neMamelodi Sundowns ngoMeyi 31. 

Ukuphuma kwakhe eChloorkop akumangazanga kangako, njengoba iSundowns ikhethe ukungayivuseleli inkontileka yakhe kulandela iziyaluyalu zakhe.

Yize iKaizer Chiefs kubikwa ukuthi inikezwe ithuba lokusayina lo mdlali — okuqinisekiswe yimenenja yakhe uMike Makaab — yiPirates esisheshe yambamba ngenkontileka. 

Le kilabhu yenze lesi simemezelo ngoLwesibili ntambama, iqhubeka nokwethulela kwayo abalandeli izinguquko ezenzekayo eqenjini ngaphambi kwesizini entsha. 

USipho Mbule unekhono elihle, kodwa unefu elimnyama

Ikhono likaMbule alingatshazwa neze. Lesi sihlabani sangaphambili seSuperSport United singumdlali wasesiswini okhaliphile, ohlaselayo onobuhlakani, neso legoli. 

Kodwa ukwenza kwakhe kwakamuva ngaphandle kwenkundla kumenze waba negama elibi, nephunga elingelihle kwamanye amakilabhu.

Ngesizini ka-2023/24, udlale imidlalo emine kuphela kwiSundowns ngaphambi kokubolekiswa kwiSekhukhune United ngoJulayi ka-2024. 

Kodwa-ke, ukubolekwa kwakhe kunqanyulwe kungazelelwe ngo-Ephreli ngemuva kokuvela kwemibiko yezinkinga zokungaziphathi kahle kwakhe.

Ngokwemithombo eminingi uMbule ubelova ejimini kanti kusolakala ukuthi ubenenkinga yamambawu.

Lokho kuyicala abe wabekwa lona kwiSundowns ngo-2022 — okwenza ikilabhu yammisa isikhashana. 

IPirates yithuba lakhe lokugcina

Isinqumo se-Orlando Pirates sokusayinisa uSipho Mbule sithathwa njengesiyingozi enkulu, kodwa esingaba nomvuzo omkhulu. 

Abalandeli bangene ezinkundleni zokuxhumana benemibono ehlukene ngalezi zindaba zokusayinwa kukaSipho Mbule yi-Orlando Pirates.

Abanye bezwakalisa benethemba lokuthi ikilabhu ingawuvuselela umsebenzi wakhe, abanye nokho baxwayisa ngokuthi kungenzeka izilethela amanzi ngomsele.

“UMbule angaba ngumdlali ovelele uma ephethwe kahle. Sikubonile angakwenza ngesikhathi ekwiSuperSport. 

“IPirates kumele imnike isisekelo esiqinile,” kubhal umlandeli ku-X.

“Yithuba lakhe lokugcina manje leli. Uma elimosha, umsebenzi wakhe ungase uphele,” kubhala omunye enkundleni efanayo.

UMbule ugqame kwiSuperSport United, lapho edlale khona imidlalo yeligi engu-84, washaya amagoli ayisishiyagalombili phakathi kuka-2017 no-2022. 

Ukusayina kwiPirates kumbuyisela endaweni la engakwazi ukuvelela ngekhono lakhe — ukuth uyalisebenzisa lelo thuba noma cha, sekusele kuye.

I-Orlando Pirates izothemba ukuthi isiko layo eliqinile nokuqondiswa ngabadlali abadala kungabuyisela uSipho Mbule endleleni. 

Njengoba izodlala kwiCaf Champions League nemiqhudelwano yakuleli, iPirates izothemba ukuthi uMbule uzoletha ithalente lakhe — hhayi izinkinga — abe yinsika yeqembu.