Caf Champions LeagueEzintsha

UKoller ufaniswe noPitso ‘exabana’ nabadlali kwi-Al Ahly

U-Adly El Keiy ukholwa ukuthi ukuziphatha kukaMarcel Koller kufana nokwalowo oke waqeqesha leli qembu phambilini uPitso Mosimane.

Ngesikhathi uMosimane ewina izicoco zilandelanayo zeCaf Champions League naleli qembu, isikhathi sakhe kwi-Al Ahly sasihambisana nezigemegeme. 

Kubikwa ukuthi waxabana nezihlabani ezihlonishwayo ebholeni lase-Egypt oHossam Hassan noKahraba. 

Laba bobabili ngokuhamba kwesikhathi bakuqinisekisa ukuthi ubudlelwano babo noMosimane babumuncu. 

UMarcel Koller manje ubonakala ebhekene nenkinga ezifanayo njengoba kuvela ukuthi kunabadlali abangasamuzwa kahle. 

Imibiko iveza ukuthi abanye abadlali base bahamba kule kilabhu ngenxa yobudlelwano obungebuhle nalo mqeqeshi waseSwitzerland. 

UPercy Tau kukholakala ukuthi ungomunye walabo abaqoka ukuthi bavele baphume baphele kwi-Al Ahly ngenxa yokudlelwano obumuncu nomqeqeshi.

Ekhuluma ohlelweni lwe-TV e-Egypt, u-El Keiy ukhulume wageqa amagula ngendlela uKoller aphethe ngayo kuleli qembu.

“Ngokuhamba kwesikhathi, sibonile ukuthi uma uKoller ejikela umdlali, akabenzi ubulungiswa,” u-El Keiy ucashunwe yi-Kooora.com esho kanje.

“Ungikhumbuza lokho okwakwenziwa uPitso Mosimane ngesikhathi sakhe. Angiqondi ukuthi kungani umqeqeshi aqinise ikhanda,” kwengeza lesi sikhulu.

U-El Keiy uphinde wagxeka okuyaye kushiwo noma kwenziwe uMarcel Koller uma enemihlangano nezintatheli ngemuva kwemidlalo.

Uthe lo mqeqeshi alikho iphutha ake alivume, kodwa usola konke kusukela kubaphathi be kilabhu kuya kubadlali.

“Sekuphele isikhathi esingaphezu konyaka esola abadlali nabaphathi. Lokho kulimaza ubudlelwano bakhe neqembu. 

“Kuyisici esibi ngaye okumele asilungise,” kuqhuba u-Adly El Keiy kule ngxoxo yakhe.

Lokhu kuphawula kwakhe kuza ngaphambi komdlalo omkhulu futhi obalulekile owandulela owamanqamu we-Al Ahly kwiCaf Champions League. 

I-Al Ahly izobhekana nompetha baseNingizimu Afrika iMamelodi Sundowns ngoMgqibelo eLoftus Stadium ePitoli.

UMarcel Koller usawenze kahle umsebenzi wakhe, enqobisa i-Al Ahly izicoco ezehlukene, kodwa ukungezwani kwangaphakathi eqenjini kungase kukhule.

Isexwayiso sika-El Keiy sihambisana nokukhathazeka ngobumbano eqenjini kulesi sigaba esibalulekile sesizini.

Wonke amehlo azobe ekuKoller njengoba i-Al Ahly ilungiselela ukuphetha isizini yeChampions League nje.

Ukunqoba kwiSundowns nokho kungabathulisa labo abamgxekayo — okungenani okwesikhashana.