Ezintsha

‘Ukugembula’ kukaHunt kusebenzile – uchaza icebo elidide iDowns

UGavin Hunt useveze okwenze athathe isinqumo esimangazayo sokungaqali ngomgadli iStellenbosch FC ibambana ngo 1-1 neMamelodi Sundowns.

Lo somaqhinga onamava usevuselele isizini yeStellenbosch ngemuva kokuthatha izintambo kuleli qembu lisengcupheni yokugawulwa yizembe ngoJanuwari.

Uphinde wakhombisa ukukwazi ukusebenzisa amaqhinga ehlukene ngesikhathi ebhekene nompetha abavikela isicoco seBetway Premiership.

UGavin Hunt ukhethe ukuqala ngaphandle komgadli kulo mdlalo wangoLwesithathu ebusuku — umnyakazo omangazile ngaphambi kokuqala komdlalo. 

Nokho kubonakale kumsebenzele njengoba uTshegofatso Mabasa esuke ebhentshini washaya igoli lokulinganisa umdlalo usuyophela.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uHunt ukubeke kwacaca ukuthi isinqumo besiyiqhinga lakh elidala hhayi ukuthi ubezithathela amashansi.

“Angifuni ukuzwakala njengesihlakaniphi… Abanye abaqeqeshi bebezohlala lapha bazame ukuzwakala behlakaniphile ngokunikeza incazelo ephezulu.

“Mina ngivele ngezwa ukuthi lena yindlela engcono kakhulu,” kusho uHunt.

UGavin Hunt wengeze ngokuthi uvumele ngamabomu abadlali basemuva beSundowns ukuthi bagcine ibhola.

“Ngishaye iSundowns izikhathi eziningi ngidlala ngaphandle komgadli. Akukhona mayelana nokuhlakanipha — kumayelana ngokwenza okufanele.”

Umphumela ugcizelele ithonya elikhulayo likaGavin Hunt kwiStellenbosch, nezinqumo zakhe zamaqhinga eziqhubeka nokuletha imiphumela ebhekene namaqembu aqinile kwiligi.