EzintshaOrlando Pirates

Ukhonjwa kwi-Orlando Pirates oshiye iStellies

Sishiye isigubhukane isikhulu seStellenbosch FC uBrendon Fourie kanti sesikhonjwa kwenye yamakilabhu amakhulu.

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguye uqobo uFourie ngesikhathi evalelisa kwiStellies ngomlayezo awubhale ezinkundleni zokuxhumana.

Kungakapheli sikhathi esitheni evalelisile, sekuvele kwaqubuka izinsolo zokuthi usezojoyina i-Orlando Pirates. 

Uma lesi sinyathelo senzeka, kuzophinde kuphawule esinye isikhulu esishie kwiStellies saya kulezi zinkunzi zaseSoweto. 

Isikhathi sikaFourie seminyaka emithathu nesigamu kwiStellies sikhombise ikhono lakhe lokuhlomilisa iqembu ngabadlali abasezingeni. 

Phakathi kwabadlali abahlonzwe futhi abasayinwe ngesikhathi sakhe singabala uLangelihle Phili noMthetheleli Mthiyane.

“Kube yiskhathi esimangalisayo ukusebenza kwikilabhu engangiphupha ukusebenza kuyo,” kubhala uFourie. 

“Ngiyabonga kubadlali, abasebenzi, nabalandeli… kube yiminyaka engcono kakhulu yempilo yami.”

Ukumataniswa kwakhe ne-Orlando Pirates kungaphezulu kwamahemuhemu nje. 

Lezi ziqhwaga zaseSoweto sezivele zihlomule kakhulu kwiStellenbosch ngokuthola izikhulu nabadlali:

  • U-Andre de Jong: Lo mdlali waseNew Zealand ujoyine ngoJanuwari.
  • UDevon O’Brien: Lo mhlaziyi wokusebenza kweqembu ujoyine ngo-2024.
  • UDeano van Rooyen: Lo kaputeni wakudala weStellies usephenduke isethenjwa kwiBucs.

Uma uFourie efika, kukhombisa inhloso enkulu yePirates yokwenza umnyango wabo wokuhlonza ithalente uqine nakakhulu.