
Isibulele kodwa iPSL ngale ndlala esifake kuyo
- Sibongiseni GUMBI
Akuvamile ukuthi ngiveze imizwa yami ngale ndlela, kodwa isizungu sale mpelasonto esibhekene nayo ngisola iPSL ngaso.
Ngisho nosihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, ukushilo nfowakhe ibhizinisi labo ngelokudala izingxoxo kodwa sebethule isikhathi eside.
Ngemuva kwekhefu elide lezinyanga ezimbili, amanye amaqembu ngeke adlale emidlalweni esemthethweni isikhathi eside kakhulu, esicela ezinyangeni ezintathu.
I-PSL beyinethuba loyikuhlela kangcono isizini.
Bebewayiqeda yonke imidlalo yomzuliswano wokuqala yeMTN8 ngempelasonto eyodwa.
Esikhundleni salokho, isinqumo sokuhlukanisa imidlalo yeMTN8 ngezimpelasonto ezimbili sisishiye nekhefu elide kungenasidingo ngaphambi kokuthi sibone amaqembu asele ebuyela emdlalweni.
Ukube impelasonto edlule ibigcinelwe imidlalo yeligi, ngabe lokho bekuyosiza ukugwema isiminyaminya semidlalo ngokuhamba kwesizini.
Kubalandeli lokhu bekungaba yisibusiso—phela sesibekezele izinyanga ezimbili lingekho ibhola lakuleli.
Impela, ama-Euro asinikile injabulo engatheni ngoJuni, kodwa akufani.
Imidlalo yePSL ishaya ngendlela ehlukile; isithinta ngqo ngakho yiyo esiyilangazelelayo.
Sitshale imizwa kwiligi yasekhaya, futhi leli khefu elide seliyezwela manje.
Selilibi kubalandeli abalindele ngabomvu ukubuya komdlalo esiwuthandayo.
I-PSL iphuthelwe yithuba lokwakha isasasa ngale sizini ezayo ngoba ngabe okungenani amanye amaqembu asedlale kabili kwiBetway Premiership ukube iqale ngempelasonto edlule.
Eminye imidlalo ibingadlalwa maphakathi nesonto ukuze sonke seneliseke ngemidlalo, singabi nale ndlala esikuyo.
Kodwa ke mhlawumbe kube ngenxa yokubambezeleka kokuxazululeka kwendaba yomxhasi omusha weligi.
OLUNYE UDABA:Â ISundowns isiphinde yaqinisa ngongalibheki ipali
Vele ke nje futhi sekuwukukhala nje, akusekho esingakwenza, asisale sesilinda yena uSepthemba 14 lowo.
