
Ukhale ‘ngekhubalo’ oweNigeria begilwa iDR Congo
Umqeqeshi weqembu lesizwe laseNigeria, u-Eric Chelle usole ukuthi iDR Congo isebenzise ‘umuthi’ ukubawashisa ijezi emdlalweni obalulekile ngeSonto ebusuku.
Lamaqembu abeshikilisana emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ophele kunqoba iDR Congo ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi.
Umdlalo bewuphele zibambene ngo 1-1. INigeria beyizibeke ethubeni elihle ngemuva kokuhamba phambili ngomzuzu wesithathu ngegoli likaFrank Onyeka.
ICongo ibe seyiphendula ngelokuliganisa elishaywe nguMechak Elia ngomzuzu ka-32, zafukuzisana kwaze kwaphela umdlalo ngemuva kwalokho.
Kungesikhathi kukhahlelwa amaphenathi la uChelle evinjwe efuna ukuyozifikela mathupha komunye wabeqembu leDR Congo, esho ukumbamba ngezandla.
Ebuzwa ngemuva komdlalo ngalesi sigamelo esingesihle, uChelle ube esedalula ukuthi ubone le nsizwa ibathakatha bukhoma, wabe esecikeka.
“Ngesikhathi kukhahlelwa amaphenathi, kunensizwa yaseCongo ebigila izimanga isithakatha,” kusho uChelle.
“Njalo uma kukhahlela umdlali wethu ubelokhu echela okuthile okusaketshezi obekusebhodleni.”
Ukuhlulwa kweNigeria kusho ukuthi sekuzoba ngokwesibili kulandelana ingekho eNdebeni yoMhlaba okuyihlazo elikhulu nelisuse isiphithiphithi kuleliya lizwe.
FUNDA NALA | UMaluleka ukweletwa izindodla eleNFD abedlala kulo
IDR Congo yona idlulele phambili emidlalweni yokuhlunga njengoba isizoyodlala kwehlanganizwa amazwe aqhamuka emazwenikazi ahlukene.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
