
Igidigidi ‘kubuya’ abaqeqeshi abakhulu kwiDowns neChiefs
Ukuvela kwezokuthi amaqembu amakhulu kuleli iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns asezinhlelweni zokuqasha abaqeqeshi abanegama namava sezisuse igigigidi elikhulu.
Ngokubika kweSoccer Beat, iKaizer Chiefs isezinhlelweni zokuqasha uRulani Mokwena njengomqeqeshi wayo ngesizini ezayo.
Leli qembu elizinze eNaturena njengamanje alinaye umqeqeshi kulandela ukuhlukana kwalo noNasreddine Nabi ngasekuqaleni kwale sizini.
Lokhu kushiye abebengamaphini kaNabi, oCedric Kaze noKhalil Ben Youssef kuyibo abagade umzila kwiKaizer Chiefs ngokuthi babe ngabaqeqeshi okwesikhashana.
Yize izinto zingabhedi kakhulu, kodwa abalandeli abanelisekile ngabo futhi sebekuveze kaningi eqenjini ukuthi bafuna umqeqeshi onegama.
Manje sekuzwakala sengathi abaphathi bazizwile lezi zikhalo njengoba manje sebecuthele uMokwena ukuba kube nguye othatha lo msebenzi.
UMokwena uzakhele igama kwiSundowns la ebe nempumelelo enkulu khona kanti kumanje ukwiMC Alger e-Algeria la eqhubeka khona nokugila izimanga.
Ngokwalo mbiko, naye uMokwena uzimisele ngalo msebenzi futhi kungenzeka abuye ngesizini ezayo ukuzotakula Amakhosi.
Khonamanjalo iSundonws yona kuthiwa isemizamweni yokunxenxa uPitso Mosimane ukuba abuyele kuyo ngemuva kokwehlukana naye eminyakeni ecela kweyishumi edlule.
Uma lamahlebezi egcina ngokuba yiqiniso, lokhu kungaba yinto enhle kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.
FUNDA NALA | IPirates imdayise isinyelela ohluleke ukungena esitayeleni
Ukuvela kwalezi zinaba sekususe isasasa elikhulu kubalandeli ababona lo mnyakazo ungaqinisa umbango ikakhulukazi emaqenjini amakhulu.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
