EzintshaMamelodi Sundowns

UThemba Zwane ufuna bakhiphe iBucs osizini lokuhubha utalagu

Yize iSundowns inegebe elihle, kodwa ngokwezibalo i-Orlando Pirates isangabafica uma inganqoba yonke imidlalo yayo esele.

Kodwa futhi konke kuncike ekutheni iSundowns olahle amaphuzu kweminye yemidlalo yayo esele.

Njengamanje iyishiya ngamaphuzu angu-12 iPirates kanti idinga amaphuzu amane kule midlalo emithathu esele ukuthi iqede ngesicoco.

Yingakho ke uThemba Zwane efuna basheshe bayicacisele iPirates ukuthi beyilokhu ihubha utalagu nje nakule le sizini.

UThemba Zwane unxenxe abalandeli uukuthi baphume ngobuningi ukuzobeseka ngeSonto uma sebebhekene neStellenbosch FC.

IStellies yilona qembu esele nalo iSundowns elibukeka lingayiphazamisa njengoba nayo ilwela ukuqeda endaweni yesithathu ukuze ibuyele emidlalweni yeCaf ngesizini ezayo. 

“Nginxenxa abalandeli ukuthi baphume ngobuningi, siyabadinga kakhulu kulo mdlalo,” kusho uZwane kuleli sonto.

“Wumdlalo obalulekile kithi, uma kukhona bona, kuba nomuzwa wentokozo osifaka ugqozi olwengeziwe, yingakho ngifisa bafike ngobuningi.”

Lo mdlalo uzoba seLucas Moripe Stadium kanti uqala ngo-3 ntambama. UMshishi uthi yisikhathi esibalulekile lesi kubo.

Uthi abasafuni ukwenza iphutha lokuhlahla amaphuzu ngoba lokho kungabalethela amanzi ngomsele.

“Yisikhathi esibaluleke kakhulu kithi lesi. Sekuseduze sinqobe iligi. Sesidinga ukufaka amakhanda phansi, sibhekane nomsebenzi osele ngokuzithoba.

“Kumele sisebenze kanzima ukuze sikwazi ukuqedela lo msebenzi bese sijabula njegeqembu,” kwengeza uMshishi. 

KwiStellies babhekene neqembu eliyingozi ngoba linabadlali abaningi abakwaziyo ukumangaza uma bengagadwanga ngendlela.

Yize engakuthandi ukubalula umdlali ngamunye, uThemba Zwane uthi obenguzakwabo, uLesib Nku kuzomele bamqaphe. 

“ULesiba Nku ungumdlali osezingeni eliphezulu okumele simgade, kodwa ke banabo baningi nabanye abayingozi. Bayiqembu elizikhandlayo. 

“Ngeke ubheke umdlali oyedwa kubo uthi nguyena oyingozi kakhulu ngoba basebenza ngokubambisana ngakho lo mdlalo uzoba mnandi kakhulu.”