Ezintsha

UKatsande uvuke ngomsebenzi omqoka kwiZifa 

Lowo owayengukaputeni weZimbabwe uzosebenza kuekomidini leZifa elizobheka abadlali bakuleli lizwe emhlabeni wonke.

UKatsande uthathe umhlalaphansi ebholeni elikhokhelayo ngo-2022 esedlala kwiSekhukhune United. 

Nokho waduma kakhulu ngesikhathi edlala kwiChiefs, adlale kuyo imidlalo engaphezu kuka-300. 

Eqenjini lesizwe laseZimbabwe, iWarriors, udlale imidlalo engu-27 washaya amagoli amathathu ngesikhathi engukaputeni.

Manje usezobamba iqhaza ekuvuseleleni ibhola laseZimbabwe ngenye indlela. 

Ikomidi akulo ligxile ekuhlanganiseni izinhlaka ezehlukene, abadlali nabalandeli abangaphandle kwaseZimbabwe. 

Kuzosiza nasekuhlonzeni abadlali beZimbabwe abangekho eZimbabwe abangaqinisa iWarriors.

Leli komiti liholwa ngowayengumdlali osezinze e-UK uMarshall Gore. 

Phambilini uGore wasiza iZimbabwe ukuthi ithole abadlali abafana noJordan Zemura, Tawanda Chirewa, no-Andy Rinomhota. 

Amanye amalungu aleli komiti ngoModern Ngwenya, Walter Musanhu, Katsande, noTizirai Luphahla.

UKatsande unqobe izicoco ezimbili zePSL kabili kulandelana neChiefs ngo-2012/13 nango-2014/15. 

Uphinde waqokwa waba yiPlayer’s Player of the Season ngo-2014/15. Manje, usebheke ukwenza umehluko ngaphandle kwenkundla.