
UKaizer Junior uchaza okubahehe kuSirino
- Sibongiseni Gumbi
Umqondisi weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Junior usechaze ukuthi kungani Amakhosi ethathe isinqumo sokuhlwitha umgadli wase-Uruguay, uGaston Sirino, oneminyaka engu-33.
USirino ubeyisihlabani kwiMamelodi Sundowns amasizini amaningi, enqoba izicoco eziyisithupha zeBetway Premiership naMasandawana, kodwa kule sizini inkontileka ayivuselelwanga.
IChiefs ayizange ithathe isikhathi eside ukulanda uSirino, futhi izothemba ukuthi angayisiza emzamweni wayo wokubuyela ezinsukwini zenjabuli.
“Sithathe isinqumo sokwengeza isipiliyoni eqenjini lethu ngokulanda uSirino,” kusho uMotaung Jr kwi-website yeChiefs.
“Siyalazi izinga lakhe futhi sikholwa wukuthi uzosisiza kule sizini ezayo.
“Futhi sibheke ngabomvu ukuthi aamava akhe azosiza nokuqinisa abadlali bethu abancane.”
Uthe into enye into ebahehile kuSirino wukuthi uyakwazi ukusiz aiqembu ligqobhoze udonga lwezitha.
“Ikhono likaGaston lokuvula udonga lwasemuva oluqinile ngobuqili nobuhlakani bakhe kuzokwengeza isinongo esengeziwe kwindlela iqembu elidlala ngayo.”
USirino uzoba nesikhathi esanele sokujwayela amaqhinga eChiefs ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.
OLUNYE UDABA: Akekho eskimini owePirates obhekwe ngabomvu
IChiefs ayidlali kwiMTN8 yalo nyaka futhi umkhankaso wayo weBetway Premiership uzoze uqale ngoSepthemba 14.
