Ezintsha

UJunior Khanye nesinyathelo esibheke phambili ngempilo 

Le nsizwa eyazakhela igama kwiKaizer Chiefs isinqume ukuba ngumnumzane ngokuthi ilobole isinqandamathe sayo sesikhathi eside, uCharmaine Padi.

UJunior Khanye uthumele abakhongi emndenini wakwaPadi eDiepkloof, eSoweto, ngempelasonto edlule. 

Ukuqinisekisile ukuthi izingxoxo zihambe kahle futhi bobabili nale ntokazi ezoba ngunkosikazi wakhe bajabule.

Sebeneminyaka engu-21 besebudlelwaneni bezothando futhi banamadodana amathathu ndawonye. 

UKhanye waziwa ngemigilingwane nokungalawuleki ngesikhathi esadlala, kanti usencome uCharmaine Padi ngokuletha uzinzo empilweni yakhe.

“Ube nami ezikhathini ezimnandi nezimbi, ikakhulukazi ngesikhathi ngibhedelwa yizinto,” kusho uJunir Khanye kwiSunday World

“Ngashintsha, ngakhula, futhi angifuni ukuqhubeka nokwenza amaphutha afanayo nengawenza ngisengumfana omncane.”

UCharmaine Padi ungumuntu ozimele futhi okugwemayo ukuba kwabezindaba. UKhanye ujabule ngekusasa labo ndawonye.

“Ingoduso yami inamahloni kakhulu futhi ayizwani nokuba sezindabeni,” kwengeza uKhanye.

“Uthule kakhulu, futhi ngiyajabula ngokuthi sizokwakha impilo yethu ndawonye. Futhi sijabule kakhulu sobabili.”

UJunior Khanye njengamanje usengomunye wabahlaziyi bebhola baseNingizimu Afrika abalandelwa kakhulu. 

Ukuhlaziya kwakhe okujulile, okungenzeleli sekumakhele abalandeli abaningi, kodwa bakhona nabangasamfuni nala ehambe khona.

Umsebenzi wakhe wokudlala ibhola elikhokhelayo waqala ngegiya eliphezulu ekuqaleni kwawo-2000. 

Nokho wabe esephuma endleleni ngenxa yezinqumo ezimbi nokuthanda impilo esheshayo nobumnandi.

Kuke kwaneminyaka eminingi abephila kanzima kuyo futhi ezinikele otshwaleni, kodwa wagcina ekujikile lokho, waqondisa impilo yakhe. 

Namuhla, ungusomabhizinisi, umbhali, nomnikazi wenkulisa yabadlali bebhola abasebancane.

UJunior Khanye usedume ngokungabi nazwelo uma egxeka iqembu lakhe lakudala, iKaizer Chiefs nabaqeqeshi abaphezulu.