
UJunior Khanye nelibabayo ngeKaizer Chiefs kwiConfed Cup
UJunior Khanye waziwa ngokulikhipha noma ngabe libaba kanjani iqiniso futhi usenze lokho kulandela ukuphuma kweKaizer Chiefs kwiCaf Confederation Cup.
Iningi labalandeli baMakhosi basazikhotha amanxeba ngemuva kokuhlulwa ngo 2-1 yiZamalek e-Ismailia, e-Egypt.
UJunior Khanye uthi iKaizer Chiefs beyivele “ingenayo ikhwalithi efanele’ ukuphumelela ezwenikazi kule sizini.
Uphakamise ukuthi kwakuthi iye emdlalweni wokugcina esigabeni samaqoqo isenethuba lokudlula kube ngenxa yenhlanhla hhayi ngoba bekuyifanele.
IGODA LASE-EGYPT
IChiefs ingene emdlalweni wangoMgqibelo idinga ukudlala ngokulingana ukuze ikwazi ukuthola indawo esigabeni somkhumulajezi.
Kodwa esikhundleni salokho, ixoshwe amagoli amabili angene esiwombeni sesibili eshaya ngoJuan Alvina nomakadebona u-Abdallah El Said.
Ngaphandle kwegoli alishaye ngekhanda ngasekupheleni komdlalo uGlody Lilepo, uhambe luphele khona lapho kwiChiefs.
Lo mphumela – uhlangane nokunqoba kwe-Al Masry ngo 2-0 kwiZesco United — kwenze iChiefs yehla isuka endaweni yokuqala yaya kweyesithathu kuGroup D.
“Kwesinye isikhathi empilweni uphelelwa yinhlanhla,” kusho uKhanye. “Ngizobabongela ngokuthi baze bafika lapho befike khona…
“Kodwa bekungabafanele kwakufika lapho begcine befike khona. Kulapho bembuleke khona izinqe.
“IKaizer Chiefs yenze iphutha lokuyiqonda ngqo iZamalek,” kusho uJunior Khanye.
UMTHELELA WONOMPEMPE
UKhanye ukhombe izikhathi eziningi ezibalulekile esigabeni samaqoqo lapho ekholwa wukuthi unompempe bebevuna lezi ziqhwaga zaseSoweto.
Uthe zibe nenhlanhla ngezinqumo ‘zomdlalo wasekhaya’ emidlalweni yamaqoqo yangaphambili:
- Umlenze wokuqala neZamalek: UKhanye uthi emdlalweni owaphela ngo 1-1 ePolokwane, unompempe waphika iphenathi ecacile yeZamalek.
- Umdlalo we-Al Masry: Uchaze ukunqoba ngo 2-1 ki-Al Masry “njengomphumela onqunywe ngunompempe.”
Uthe iphenathi eyaphikwa okwakumele ibekelwe leli qembu lase-Egypt, nengacacile eyabekelwa iChiefs kwaba nomthelela.
UMGQOGQO
UKhanye ube esegxeka okuhlabayo isakhiwo noma uhlaka lokudlala kweChiefs lulonke.
Uveze ukuthi iqembu elihluleka ukubamba umgqigqo nokudlala kahle kwiligi yasekhaya ngeke lilindele ukuchuma uma libhekene nezikhondlakhondla zase-Afrika.
“Ayikho indlela yokuthi ungenamgqigqo kwiligi yakuleli bese ucabanga ukuthi ungenza kahle ezwenikazi. Ngeke kwenzeke nhlobo.”
FUNDA NALA | UVilakazi uveza avuselele ngakho uKwayiba kwiChippa
Njengoba sekufe amaphupho eNedbank Cup neCaf Confederation Cup, iKaizer Chiefs isalelwe yiBetway Premiership kuphela ukuthi iyilwele.
Nakhona kuzothanda ukuqansa njengoba kumanje isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwi-Orlando Pirates okuyiyo eqhwakele.
