EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou uchaza eyabeqisele ngejezi behlulwa yiLupopo 

Iqembu lakhe lingene enkundleni ngaphandle komgadli, futhi okunye okusheshe kwanakeka wukungabi khona kuka-Evidence Makgopa noThalente Mbatha ngisho ebhentshini.

Kuyiwa kulo mdlalo, iPirates ibilandela ngemuva ngo 3-0 ehlulwe ngawo emlenzeni wokuqala ishaywa yiSt Eloi Lupopo eDR Congo ngempelasonto edlule.

IPirates inqobe ngo 3-0 e-Orlando Stadium ukuze umdlalo uphele zibambene uma sekuhlanganiswe imiphumela, kodwa yahlulwa kabuhlungu ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.

Umphumela uqeda umkhankaso wayo wase-Afrika ngaphambi kwalokho obekulindelekile emzuliswaneni wokuhlunga weChampions League.

IPirates manje isizogxila kwiCarling Knockout Cup lapho izobhekana khona neMagesi FC emzuliswaneni wesibili ngoLwesibili.

U-Ouaddou ubuziwe mayelana nendlela abelihlele ngayo iqembu lakhe emdlalweni weLupopo futhi nagokushiya ngaphandle ezinye zezethenjwa zakhe. 

“Bekumayelana nohlobo lwembangi ebesibhekene nayo. Besazi ukuthi bazohlala emuva,” kuchaza u-Ouaddou. 

“Ngakho-ke, besifuna indlela yokudlalela ebhokisini labo ngabadlali abazokwazi ukugcina ibhola phambi kwepali labo, badonsele izitobha ezinhlangothini.”

Wengeze ngokuthi uhlelo lwemidlalo eminyene nalo lube nomthelela omkhulu ekukhethweni kweqembu aqale ngalo lomdlalo.

“Bekuyisinqumo samaqhinga ukungamfaki uMakgopa, kodwa futhi bekuphinde kube yindlela yokumonga,” kwengeza lo mqeqeshi waseMorocco. 

“Sidlala emiqhudelwaneni eminingi, futhi sidinga ukugcina wonke umdlali esesimweni esifanele futhi ekulungele ukudlala.”

IPirates izobe ibheke ukuziphindiselela uma isisingethe ompetha abavikela isicoco seCarling Knockout iMagesi FC.

Leli qembu laseLimpopo yilo elayihlaza liyibhulisa amazolo kulo mqhudelwano ngesizini edlule. 

Umdlalo uzoqala ngo-7pm ngoLwesibili e-Orlando Stadium okulindeleke ukuthi iphinde igcwale phama.