EzintshaKaizer Chiefs

UJosta ubona uSirino ezoqeda ukhondolo olubi kwiChiefs

Sekunokhondolo olubi ngabadlali abaduka kwiMamelodi Sundowns beshisa, benconywa ngapha nangapha kodwa bafike kwikaizer Chiefs baphenduke ikhala lenja. 

Nokho uJosta “JD” Dladla, oyinkakha yeKaizer Chiefs uthi uGaston Sirino uzowuqeda lo mshophi. 

“USirino uyena ozoqeda lenkolelo yokuthi abadlali abasuka kwiSundows beye kwiChiefs yingoba iSundowns isuke isiwumunce wonke ushukela kubo,” kusho uDladla. 

Uqhube wathi akukhona ukuthi abasuka kwiSundowns kuphela abafike bahluleke kwiChiefs, kodwa nabasuka kuMakhosi baye kuMaBrazilians kuyefana.

“Sekunomlando omubi phakathi kwalamaqembu amabili ngabadlali abashiya lamaqembu ngokuhlukana…

“Singabala uKatlego Mphela, uKhama Billiat, noKeagan Dolly, bona bashiya iMamelodi Sundowns bajoyina iKaizer Chiefs. 

“OPunch Masenamela, uJabulani Mendu, uGeorge Maluleke, uGeorge Lebese, noBrain Baloyi bona bajoyina iMamelodi Sundowns beshiya iKaizer Chiefs. 

“Bonke laba badlali baphelelwa yibhola labo, bagcina sebedlalela amaqembu amancane, abanye baliphonsa ithawula.”  

USirino uyiqale kahle impilo kwiChiefs, ekhombisa ukuba ngumdlali omqoka eqenjini elibunjwa uNasreddine Nabi. 

Emidlalweni emithathu, useshaye igoli elilodwa, wakhela ozakwabo amabili kusukela efikile kuleli qembu laseNaturena. 

“USirino ngibona ezohamba ezinyathelweni zethu no-Ace Khune, noBricks Modau,” kusho uDladla.

UGeorge Maluleke noKhama Billiat basadlala yize sebedlalela amaqembu athathwa ngokuthi mancane manje.

USjijo, okuyigama lesidlaliso likaMaluleka, usegijima kwiKruger United edlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

UBilliat yena wagcina ebuyele ngakubo eZimbabwe ngemuva kokudedelwa yiChiefs kanti usedlala kwiYadah FC.