
Isikhulu sicubuzela umdlali ‘ongenza kangcono’ kwiBafana
Sesishiye abaningi bemangele isikhulu sekilabhu yePSL sikubeka ngokusobala ukuthi umdlali waso engenza kangcono kunobenikwe ithuba kwiBafana Bafana.
Lesi sikhulu, uFarook Kadodia weDurban City, sesinxuse uHugo Broos ukuthi ake aqalaze unozinti waso uDarren Keet.
UKadodia uthi uKeet ungcono kakhulu kuRenaldo Leaner weSekhukhune United obenikwe ithuba ekhempini edlule yeBafana.
ULeaner akabang nomdlalo omuhle edlala okokuqala iBafana izwana amandla nePanama njengoba angenelwa amagoli amabili.
Indlela amudla ngayo lamagoli yashiya abaningi bekhala ngezinga lakhe, nokulungela ukudlala eqenjini lesizwe.
“Ngikholwa ngokuqinile ukuthi ngale kweminyaka yakhe, uKeet ukufanele ukubizwa kwiBafana,” kusho uKadodia kwiSportswire.
“Ubonile nawe lomunye unozinti… lawa maphutha ngeke uwabone neze kuKeet.
“Unamava angelinganiswe futhi engaba nomthelela imuhle kakhulu futhi andise umncintiswano eqenjini lesizwe.”
Akuvamisile ke nokho ukuthi isikhulu – ikakhulukazi usihlalo – sikhulume ngalolu hlobo ngabadlali bamanye amaqembu.
Okuthatha amehlo ke nokho wukuthi uKadodia ugxeka uLeaner nje uke wadlala eqenjini lakhe lisabizwa ngeMaritzburg United.
UKeet useneminyaka engu-36 kanti wake wadlala kwiBafana phambilini njengoba isikhulu sakhe sesimphendlela indawo nje futhi.
Kodwa-ke mhlawumbe uKadodia ukhulunyiswa wukuthi uyazi ukuthi azodla kahle amaqembu azoba nabadlali eNdebeni yoMhlaba.
