
Okushiye uLebo Maboe ezishaya isifuna kunqoba iChiefs
Uphinde waba ngumdlali ovelele uLebohang Maboe esiza iKaizer Chiefs ibuya kade seyilandela ngemuva ukushaya i-Orbit College.
Amakhosi aseNaturena ayishaye ngo 3-1 i-Orbit emdlalweni weBetway Premiership obuseNelson Mandela Stadium eGqeberha ngoMsombuluko.
I-Orbit beyihambe phambili ngegoli likaMbulelo Wagaba ngasekuqaleni kwesiwombe sokuqala.
Kodwa kuyiwe ekhefini sekungu 1-1, kulandela igoli likaWandile Duba elibuyisele Amakhosi emdlalweni.
Esiwombeni sesibili iChiefs beyisidlala kangcono futhi yashaya amagoli amabili aqede ngalo mdlalo – ashaywe uMduduzi Shabalala noSiphesihle Ndlovu.
Nokho umdlali oqokwe njengowenze kahle kulo mdlalo kube uLebo Maboe obeyihlanganisa kahle iminyakazo esiswini.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMaboe uveze ukuziqhenya okukhulu ngozakwabo athi bakhombise uthando lweqembu ngendlela abalwe ngayo.
“Ngijabule kakhulu ngendlela esidlale ngayo. Asizange siqale kahle emizuzwini engu-25…
“Kodwa ngiyaziqhenya ngozakwethu. Siqhubekile salwa, asizange sililahle ithemba,” kusho uLebo Maboe.
“Okubalulekile wukuthi siqhubekile nokuzikhandla nokukholwa ukuthi sisangazijika izinto kulo mdlalo.
“Empeleni nje le ndondo ngiqokwe ukuyamukela ngoba ngeyeqembu lilonke ngenxa yokuzinikela kwalo.
“Besisebenzisana, sidonsela ndawonye. Kwenzekile nje ukuthi yimi ozokwamukela le ndondo.”
Ngalokhu kunqoba, iGlamour Boys ibuyele endaweni yesithathu kwilogi kodwa kungalalwa seyehlile futhi.
Ingehla kuphela uma AmaZulu ewunqoba umdlalo wawo neSekhukhune United ngawo uMsombuluko ebusuku.
