
UJose Riveiro uveza akufunde bebambana nezikaMessi
Oyengumqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro useveze imicabango yakhe ngemuva komdlalo wakhe wokuqala osemthethweni ehola i-Al Ahly.
I-Al Ahly kaJose Riveiro idlale ngokulingana ngo 0-0 ne-Inter Miami okudlala kuyo uLionel Messi emdlalweni wokuqala weFifa Club World Cup.
Lo mdlalo kaGroup A ubuseHard Rock Stadium ngoMgqibelo ebusuku (ngeSonto ekuseni ngesikhathi saseNingizimu Afrika).
Lokhu kuphawule umdlalo wokuqala kaRiveiro kulezi ziqhwaga zase-Egypt. Lo mqeqeshi waseSpain usanda kuthatha izintambo kwi-Al Ahly.
Uyijoyine ngenkontileka yeminyaka emibili, ethatha umsebenzi okushiye kuwo uMarcel Koller, oxoshwe kulandela ukukhishwa kowandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.
I-Al Ahly ihlulwe emdlalweni owandulela owamanqamu ibhekene neziqhwaga zaseNingizimu Afrika iMamelodi Sundowns.
UJose Riveiro uvumile ukuthi ukuzijwayeza nezimo zangaphandle kwaseGibhithe kube yinselelo.
“Kuhluke kakhulu kunasekudlaleni e-Egypt,” usho kanje kwiwebhusayithi esemthethweni yeFifa.
“Sishwebe amathuba amahle, futhi ukube siwasebenzise ngendlela efanele, umdlalo ubungahamba ngendlela yethu.”
Yize ebephethe isiwombe sokuqala, uRiveiro uthe ezakhe zilahlekelwe wumfutho ngemuva kwekhefu.
“Sibe nezinkinga ekushintsheni umgqigqo nasekuphaseni amabhola ngendlela efanele.
Ukushisa kusiphazamisile, kodwa kukhona okuhle okumele sikuthathe siqhubekele nakho phambili.”
Uncome i-Inter Miami futhi wazwakalisa ithemba ngemiphumela engcono emidlalweni ezayo.
“Siyazi ukuthi yini okufanele siyithuthukise futhi sizoqhubeka nokuphusha. Ukumela i-Al Ahly kuleli zinga kuyinto enkulu.”
I-Al Ahly isizodlala nePalmeiras yaseBrazil emdlalweni wayo wesibili ngoLwesine. Umdlalo uhlelelwe ukuqala ngo-6 ntambama.
Uma inqoba kwiPalmeiras, izozibeka ethubeni elihle kakhulu lokudlulela esigabeni samaqoqo.
Izobe seyiqedela imidlalo yesigaba samaqoqo neFC Porto ngoJuni 24.
