Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos ukhuza ihaba ngokunqoba kwe-Under 20

Uxwayise ngokuthi izwe akumele lijahe ukuthuthela abafana abasebancane eqenjini lesizwe elikhulu.

Ekhuluma ngaphambi kwemidlalo yobungani neTanzania neMozambique, uHugo Broos uyivumile impumelelo yaMajita.

Leli qembu linqobe iCaf Under 20 Africa Cup of Nations ka-2025 e-Egypt ngaphansi komqeqeshi uRaymond Mdaka. 

Iqembu libonise ukudlala okuvelele, okuhlanganisa abadlali abafana noTylon Smith oqokwe njengoMdlali obeVelele noFletcher Lowe obenguNozinti oVelele.

UBroos ebize uMohau Nkota, uMbekezeli Mbokazi, noSimphiwe Selepe esikwatini sakhe esikhulu.

Kodwa ukubeke kwacaca ukuthi abadlali abasebancane abanqobe i-Afcon akumele baxinwe ngengcindezi yeqembu elikhulu.

“Akumele sicabange ukuthi sebevele basezingeni leBafana Bafana. 

“Baneminyaka engu-17, 18, noma 19. Asibanike isikhathi,” kusho uBroos kwabezindaba

Ugcizelele ukuthi sekumele kugxilwe ekutheni baye eNdebeni yoMhlaba ka-Under 20 ezinyangeni ezintathu ezizayo.

Kulapho bezothola khona amava abalulekile uma bebhekene namaqembu aphezulu aphesheya.

UHugo Broos uphinde waxwayisa ngokuqhathanisa laba badlali nozakwabo bakwamanye amazwe kungenasidingo.

“Wonke umuntu ucabanga ukuthi esikhaleni nje sesivele saba noLamine Yamal noma uLionel Messis imusha. Cha, asikabi kude kangako.”

Lo mqeqeshi osemnkantshubomvu uthe ukusheshisa abadlali abasebancane kungase kulimaze ukukhula kwabo uma behluleka ukufeza obekulindelekile.

“Uma sibabiza maduze nje, mhlawumbe sizophula imisebenzi yabo,” kuqhuba yena. 

“Ake sibone ukuthi benza kanjani eNdebeni yoMhlaba, bese sinquma ukuthi yini elandelayo ngabo.”

IBafana enkulu izobhekana neMozambique ePeter Mokaba Stadium ngoLwesibili ngo-7 ebusuku.

Elinye iqembu leBafana, eliholwa uVela Khumalo, lizobhekana neMauritious kwiCosafa Cup ngawo uLwesibili ngo-3 ntambama.