
UMakaab ‘ubozile’ kwekaSipho Mbule neKaizer Chiefs
Imenenja yabadlali ehlonishwayo uMike Makaab usesuse umsindo kulandela ukuphawula kwakhe kwakamuva ngeKaizer Chiefs noSipho Mbule.
Uqubule inkulumompikiswano ebholeni laseNingizimu Afrika ngakusho ngempelasonto ngalo mdlali onegama elibi.
Embhalweni awuphanyeke enkundleni yezokuxhumana i-X, uMakaab ukuqinisekisile ukuthi iKaizer Chiefs useyinike ithuba lokusayina uSipho Mbule.
“Ake ngiqondise inkulumo la. IKaizer Chiefs seyinikiwe ngokusemthethweni ithuba lokusayina uSipho Mbule,” kusho uMakaab.
“Sekusele eqenjini ukuthatha isinqumo futhi sizosihlonipha leso sinqumo.”
Uqhubekile wachaza ukuthi uyayihlonipha iChiefs, wagcizelela ukuthi akazami ukuyijija ekucabanbgeni kwayo.
“Izinqumo zabo zizobe zisekelwe kulokho abakholelwa ukuthi kufanele iqembu. Angizami ukubathonya.
“Umsebenzi wami uwukwenzela amakhasimende ami okungcono kakhulu kuyilapho ngihlonipha amakilabhu ebhola engisebenzisana nawo.”
Nokho abanye abalandeli nabahlaziyi banomuzwa wokuthi uMakaab ubeyifakela ingcindezi ngendlela ecashile iChiefs ukuthi isayine lo mdlali wasesiswini.
Lokhu ikakhulukazi ngemuva kokwesekwa kwakamuva kwabalandeli nezingwazi zekilabhu ukuthi uMbule anikezwe ithuba lesibili eNaturalina.
Yize uMakaab eke wasolwa ngabalandeli ngokungafuni abadlali bakhe abasezingeni baye kwiChiefs, lokhu kwakamuva kuveza isithombe esihlukile.
Noma kunjalo, ngikholwa ukuthi amazwi akhe akamuva kungenzeka adlulele kokufanele, azwakala njengendlela yokuphoqa leli qembu ukusayina umdlali wakhe.
Ukuthi iKaizer Chiefs izothini kusazobonakala, kodwa into eyodwa icacile — ukuthi indaba kaSipho Mbule isekude ukuphela.
Khonamanjalo, amanye amahlebezi amkhomba eThekwini lo mdlali njengoba kuthiwa AmaZulu FC nawo angafisa ukumsayina.
