
UJose Riveiro uthotshwe amazwi kaPhuthi Mohafe
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uzwakalise ukubonga kuzakwabo uPhuti Mohafe wePolokwane City.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uPhuti Mohafe encome uJose Riveiro ngokuba nesandla esihle ebholeni laseNingizimu Afrika.
UJose Riveiro useneminyaka ecishe ibe mithathu eseNingizimu Afrika, futhi useyithuthukise kakhulu i-Orlando Pirates.
NgoLwesine nokho i-Orlando Pirates imemezele ukuthi uRiveiro uzolishiya leli qembu ekupheleni kwesizini.
“Yize lokhu kungaphezu kwami, ngingasho ukuthi wenze umsebenzi omkhulu.
“Ukuwina izinkomishi eziyisithupha noma ezinhlanu kumasizini amathathu akuwona umdlalo.
“Ukuwina inkomishi njalo ngesizini akuwona umdlalo wezingane, ngakho ube negalelo elikhulu kwiligi yethu,” kusho uPhuti Mohafe kwabezindaba.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iPirates ishaye ezakhe ngo ’1-0 emdlalweni weBetway Premiership obudlalelwa e-Old Peter Mokaba Stadium ePolokwane ngoMgqibelo.
Ephendula uMohafe, uRiveiro uzwakalise ukuwabonga amazwi anomusa alokhu evela ngaye.
“Ngiyabonga Phuti, ngiyabonga mqeqeshi. Kithina njengabaqeqeshi, uma uthola ukunconywa ngozakwenu, ngicabanga ukuthi kukhulu kakhulu.
“Kungcono kakhulu uma ukuthola kubadlali bakho kanye nozakwenu, futhi kuyinto ongayijabulela,” kusho uRiveiro.
“Kodwa njengoba ngishilo izikhathi eziningi ngaphambili, ngafika lapha ukuzozama ukwenza konke okusemandleni ami ukusiza ikilabhu yami…
“Ukusiza iqembu lami ukuthi libe ngcono. Ukulithuthukisa ukuthi libe sendaweni engcono, libe ezingeni elingcono.
“Futhi kuze kube manje, ngicabanga ukuthi senze umsebenzi omuhle. Ngizoyishiya lapho.
“Bese kuba kubantu ukuthi bahlole ukuthi senzani usuku ngalunye eqenjini nalaba badlali.
“Njengoba ngishilo, ngizama nje ukwenza umsebenzi wami ngokusemandleni ami ngokuzinikela, nangothando.
“Umphumela walokho ukuthola imiphumela emihle. Ngakho yebo, ngiyabonga kumqeqeshi (uPhuti Mohafe) futhi ngibonga nabalandeli.
“Bangikhombisa uthando nenjabulo kulezi zinsuku,” kwengeza uRiveiro.
Lo mqeqeshi wenze umsebenzi omuhle kakhulu selokhu ajoyina amaBhakabhaka ngo-2022.
URiveiro usenqobe izindebe ezinhlanu nePirates kanti useqede kabili endaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns kwiligi.
Usekhona emjahweni wokunqoba iNedbank Cup neCaf Champions League.
IPirates isekhona nasemjahweni wokunqoba iBetway Premiership kule sizini.
Ilandela iSundowns ngamaphuzu angu-12, kodwa inemidlalo emithathu esandleni njengoba isizini isiya ngasekupheleni nje.
