
UJansen nenkontileka yeqembu elikhulu kwiChiefs
- Intatheli yeLISENETHINI
IKaizer Chiefs izonika uDonay Jansen inkontileka yesikhathi eside eqenjini elikhulu.
Lo mdlali oneminyaka engu-21 kulindeleke ukuthi abambe abe yingxenye enkulu yezinhlelo zomqeqeshi omusha uNasreddine Nabi ngesizini ezayo yeBetway Premiership.
UJansen ukhushulelwe eqenjini elikhulu esuka kwelenkulisa ngesizini edlule.
Udlale okokuqala eqenjini elikhulu ngaphansi komqeqeshi uCavin Johnson, bebhekene nePolokwane City neCape Town Spurs.
Nokho ubengenayo inkontileka yeqembu elikhulu ngaleso sikhathi.
I-SABC Sport ibika ukuthi izingxoxo ngekusasa lakhe zibambezelekile njengoba iChiefs beyithungatha umqeqeshi omusha.
Njengoba uNabi esephethe manje, uJansen ubonakala eyingxenye yombono walo qeqeshi omusha ngeChiefs.
UNabi ukuvezile ukuzibophezela kwakhe ekunikeni abafana abasebancane abanethalenye ithuba, futhi uJansen ubonakala esezuzile kulokhu.
Eqenjini leDStv Diski Challenge, uJansen ubejwayele ukudlala njengomdlali wasemuva kwesokudla noma noma ophikweni kwesokudla.
Manje usezojoyina ngokugcwele abanye ozakwabo abaphuma enkulisa asebeseqenjini elikhulu oMduduzi Shabalala, Mfundo Vilakazi, Samkelo Zwane noWandile Duba.
Inkontileka entsha ikhombisa ikusasa eliqhakazile likaJansen eqenjini uma ezozinikela, aqhubeke nokusebenza.
IChiefs inethemba lokuthi uzoba wusizo olukhulu njengoba ilungiselela isizini entsha.
