EzintshaKaizer Chiefs

Okuhlonzwe uJunior Khanye ngesimo seKaizer Chiefs

Uphakamise ukuthi ukuhlulwa kweqembu ngo 2-1 kwakamuva yiStellenbosch FC kube umphumela obungeke uswagwemeka wokudlala “okungagculisi”.

Yize ehambe phambili ngesikhathi sekhefu ngegoli likaFlavio Silva, Amakhosi ahlulekile wukuthola amanye amagoli.

Lokhu kuvumele iStellies ukuthi ikwazi ukubuya ngesiwombe sesibili, igcine iwunqobile lo mdlalo obuseFNB Stadium ngoLwesibili. 

UJunior Khanye ukholwa ukuthi umphumela ufakazela ukuthi “ukwesaba” amaqembu abeba nakho uma ezodlala neKaizer Chiefs yinto engasekho nhlobo.

UKhanye uveze ukuthi ukunqoba ngo 1-0 kweChiefs ekuqaleni kwesizini kudale ukwethenjwa okungafanele kwaleli qembu. 

Ngokwalo mhlaziyi, leyo miphumela “yayingagculisi” futhi ifihle amaphutha ajulile obuhlakani nobuchwepheshe.

“Uma uwina kabi, la uhlulwa khona uzohlulwa imidlalo ilandelana,” kuphawula uKhanye. 

“Ngesikhathi iChiefs inqoba imidlalo ngo 1-0, kimina bekungagculisi. Iqembu elidlala neChiefs alithuki.”

UKhanye uphume iqhubu no-Ashley Du Preez ngokugeja ithuba elilula ebekungaba yigoli elelingashintsha umphumela womdlalo. 

Uphakamise ukuthi amaphutha anjalo awuphawu lokungabi nandaba kwabadlali eqenjini.

UKhanye unxuse abadlali ukuthi bayeke ukucasha ngokuthi kuzokhonjwa umqeqeshi uma iqembu libhedile, bazinuke amakhwapha nabo.

Uveze ukuthi ukudlalela iChiefs kudinga izinga lokuzola nezinga lobungxweti eliphezulu.

Ukhale ngokuthi iningi labadlali abakhona njengamanje bayahluleka ukukhombisa izinga labo emidlalweni enengcindezi ephezulu.

Ukuphawula kukaKhanye kuza ngesikhathi esibi kakhulu kubaqeqeshi ababili oKhalil Ben Youssef noCedric Kaze. 

Njengoba idabhi yaseSoweto isezinsukwini ezimbalwa (ingoMgqibelo), laba baqeqeshi manje kufanele babhekane “negebe lengqondo” elihlonzwe uKhanye.

Ukugxeka kukaKhanye kuphakamisa ukuthi nakuba abalandeli beSundowns bekhungathekile ngoMiguel Cardoso “umndeni waMakhosi” ubhekene nenkinga enkulu. 

Uma abadlali bengasithathi iseluleko sikaJunior Khanye sokuthi “bazikhandle” idabhi ingaba yimizuzu engu-90 ebuhlungu kubalandeli beKaizer Chiefs.