EzintshaKaizer Chiefs

Izozethula eBloemfontein izinduku zayo ezintsha iChiefs

IChiefs ishayela phansi kakhulu ngabadlali ebasayinayo kulokhu, okuyinto ebafakela ixhala abalandeli. 

Nokho uBobby Motaung uthi izinduku ezintsha zeqembu sezobonakala kahle emdlalweni wabo weToyota Cup neYoung Africans yaseTanzania.

Lo mdlalo wale ndebe entsha yaMakhosi uzoba seToyota Stadium, eBloemfontein ngoJulayo 28. 

“Abalandeli bethu baseBloemfontein yibona abazoba nenhlanhla yokubabona kuqala bukhoma abadlali abasha.

“Okwamanje ngeke sikuveze ukuthi yibaphi kodwa abantu abalinde nje, bazothola maduze,” kusho uBobby Motaung.

IChiefs kumanje kuvela ukuthi isasayine abadlali ababili okungoBongani Sam ongumdlali wasemuva noFiarce Ntwari ongunozinti. 

UBongani Sam ubesemabhukwini e-Orlando Pirates kodwa ubebolekisiwe kula masizini amathathu adlule. 

IChiefs kulindeleke ukuthi isayine abanye abadlali abasha abazovala izikhala zabadlali abachithiwe abanjengoKeagan Dolly noSiyethemba Sithebe.

Kumanje leli qembu lizilungiselela isizini entsha le eTurkey la lizoba nemidlalo embalwa yokungcweka.