
Kuvela utavatava oluphoqe ukuhlehliswa kweyeRoyal AM
Sekuvele okwenze ukuthi umdlalo weRoyal AM ne-Orlando Pirates ugcine umisiwe.
Lo mdlalo weBetway Premiership ubuhlelelwe ukuba seHarry Gwala Stadium ngoLwesine ebusuku.
Kodwa ngoLwesithathu ntambama iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi lo mdlalo ngeke usaqhubeka.
Manje sekuvela ukuthi kunencwadi ebhalwe ngophethe amaphoyisa eMgungundlovu okuyiyo eyenze kumiswe lo mdlalo.
Kuvela ukuthi kunezehlakalo ezingajwayelekile ezenze kwaba nokukhathazeka ngezokuphepha kulo mdlalo.
IRoyal AM kuthiwa izame ukuthengisa amathikithi angu-5 000, iwadayisela endaweni yokucwala izinwele.
Lokhu kuphambene nokujwayelekile, njengoba kuyaye kusetshenziswe izinundla ezifana noTicketpro nezinye.
Leli qembu libhekene nezinkinga zemali futhi kumanje lingaphansi komlawuli zimali oqokwe yiSars.
Ngenxa yalokhu, zonke ezinye izinkampani eziletha izinsiza uma kunomdlalo zicele ukukhokhelwa kuqala ngaphambi kokwenza umsebenzi.
Lapha singabala izinkampani zabaqaphi, ezabosizo lokuqala nezinye.
Okwengeze isisindo ekutheni kungaqhutshekwa nalo mdlalo wukuthi nabaqaphi abaqashwe yiqembu basesitelekeni ngokwabo.
Lezi zinkinga ziphakamise ukukhathazeka okukhulu kwezokuphepha kulo mdlalo.
UColonel Majola weSAPS ubhalele iPSL ebika lezi zinkinga, eveza nokwesaba okukhona ngezokuphepha.
IPSL ibe seyithatha isinqumo sokuthi iwumise lo mdlalo neminye elandelayo ehlelelwe iRoyal AM.
Isigungu esiphezulu sePSL sizohlangana neRoyal AM ngoLwesihlanu ekuseni ukuze inikwe ithuba lokuchaza ngokwenzekayo.
