Bafana BafanaEzintsha

UBroos ucikwe yiPirates ‘ifihla’ ukulimala kukaTito

Lo mdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uhoxisiwe kwiBafana kulandela ukulimala akuthole ejimini yaleli qembu.

Ulimale ngesikhathi iPirates ilungiselela umdlalo wayo weBetway Premiership neMamelodi Sundowns okwenze leli qembu alangakumemezela esidlangalaleni.

Kubonakale ngeSonto, ngesikhathi somdlalo lo mdlali ehlezi nabanye ozakwabo abebengekho eqenjini lalo mdlalo.

Lokhu akumphathanga neze kahle uHugo Broos othi uthole ulwazi ngokuhoxa kukaPatrick Maswanganyi ngeSonto ebusuku. 

“Ngithukuthele kancane ngoba basazise izolo ebusuku,” kusho uBroos kwabezindaba ngoMsombuluko. 

“Ngokolwazi engilutholile, ulimale ngoMgqibelo, ngakho akakwazanga ukudlala ngeSonto. 

“Lokhu sekuphoqe ukuthi size siqale namuhla (ngoMsombuluko) ukubheka umdlali ozongena endaweni yakhe.” 

Ithimba likaBroos liqale labheka uSinoxolo Kwayiba weChippa United, kodwa naye kwatholakala ukuthi unenkinga yokulimala edolweni. 

Lokhu kuholele ekutheni kubizwe sekwephuzile uNdamulele Maphangule wePolokwane City.

Ngenhlanhla ubeseduze njengoba esePolokwane, okwenze kwaba lula ukuthi asheshe afike ekhempini.

IBafana ikanise ePolokwane ngaphambi komdlalo wayo ozoba sePeter Mokaba Stadium ngoLwesihlanu.

Izosingatha iLesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa. UHugo Broos uphoxeke kakhulu ngokungaxhumani naye ngesikhathi kwePirates. 

“Uma ulwazi lwami lulungile, walimala ejimini. Bekulula ukuthi basishayele ucingo basazise. 

“Kunalokho, bazithulelile nje balinda kwaze kwaba u-7 noma u-8 ebusuku ngeSonto ukuze basazise.”

Lo mqeqeshi ugcizelele ukubaluleka kokuxhumana kusenesikhathi, noma ngabe umyalezo udluliswa ngokwazisa odokotela beqembu. 

“Uma bengafuni ukufonela mina uqobo, bangamazisa udokotela okungenani. Kwenza izinto zibe lula kithi.”

UPatrick Maswanganyi usephenduke umdlali obalulekile kuHugo Broos ikakhulukazi njengoba uThemba Zwane engekho ngenxa yokulimala.

UBroos uke washo phambilini ukuthi ubona uTito njengomdlali ofanele ukuvala isikhala sikaZwane ngokuzayo.