
Uhlola elinye iqembu umqeqeshi wePirates kowePafos
Libukeka kuyilona qembu okungase kue yilo adla ngalo umqeqeshi we-Orlando Piates leli aqala ngalo umdlalo wobungani ngeSonto ekuseni.
I-Orlando Pirates izozwana amandla nePafos FC yaseCyprus eMarbella Sports Centre emdlalweni wayo wesibili kulolu hambo lwayo lokulungiselela isizini eSpain.
Ishaywe ngo 2-0 yiBolton Wanderers emdlalweni wokuqala phakathi nesonto yize beyidlale kahle, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.
Kulo mdlalo wesibili umqeqeshi – u-Abdeslam Ouaddou – uhlanganise abadlali abebedlale isiwombe sokuqala nesesibili ngokwehlukana ngoLwesine nabebengekho nhlobo.
Iqembu alibophele kwiPafos libukeka libhalanse kahle kanti phambili liholwa umgadli osemncane uYanela Mbuthuma osuka kwiRichards Bay FC.
Kusesiswini la kuzothatha khona amehlo ukubona ukuthi uSipho Mbule uhlangana kanjani noThalente Mbatha maphakathi nenkundla.
Ezimpikweni ubeke isethenjwa esisesincane uRelebohile Mofokeng, kolunye wabeka u-Oswin Appolis obekwiPolokwane City bese ngemuva komgadli kube uKabelo Dlamini.
Emuva akazange ashintshe njengoba eqale ngezethenjwa abaqede ngazo isizini ephelile futhi ebezidlala ngokuhlangana kahle.
Ibophele kanje iPirates kulo mdlalo: Chaine – Hotto, Van Rooyen, Sibisi, Mbokazi – Mofokeng, Appolis, Mbule, Mbatha – Dlamini – Mbuthuma
