Ezintsha

Kuvela okufiswa uMosimane ngomsebenzi olandelayo

UPitso Mosimane, ongumqeqeshi waseNingizimu Afrika osezakhele igama ebholeni lamazwe ngamazwe, usezibekele umgomo wokucija iqembu lesizwe.

UMosimane, oshiye iqembu laseSaudi Arabia i-Abha FC ngoJuni, uzothatha isikhathi sakhe ukuthola ithuba elifanele.

Engxoxweni yakhe neSABC Sport muva nje, lo mqeqeshi onqobe iCaf Champions League kathathu, uveze isifiso sakhe sokuhola iqembu lesiwe eNdebeni yoMhlaba. 

“INdebe yoMhlaba engiyenze nezwe kwaba yinto encane, ngakho mhlawumbe (umsebenzi wami olandelayo uyoba) neqembu lesizwe.

“Kufanele ngithi lokho yiyonanto engihehayo njengamanje,” kusho uMosimane.

Kodwa-ke, ukucacisile ukuthi akajahile ukuthatha noma yimuphi umsebenzi weqembu lesizwe.

Uthi ufuna iqembu lesizwe elingakwazi ukufinyelela okungenani emidlalweni eyandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba.

“Ubheka iqembu lesizwe ocabanga ukuthi ungalifikisa esigabeni semidlalo yomkhumulajezi (eNdebeni yoMhlaba).

“Futhi uma ungafika kweyandulela owamanqamu, ungagcina ufike nakowamanqamu,” kuchaza uMosimane.

Amaphupho akhe akhombisa inkolelo yakhe yokufuna impumelelo ephakeme kakhulu, njengoba engenandaba nanoma yimuphi umsebenzi.

Yize egxile emaqenjini esizwe njengamanje, uMosimane ngeke anqabe uma kuvela owokuphindela emakilabhini.

Ukhulume ngokuthi izindawo ezithile, njengeSaudi Arabia neQatar, zisahlinzeka ngamathuba akhangayo.

“Ngabe ngisafuna ukuphinda iChampions League futhi? Angicabangi kanjalo,” kusho yena.

Wengeze ngokuthi usedlale amahlandla amane eNdebeni yoMhlaba yamakilabhu.

Umsebenzi kaMosimane ugcwele imiklomelo, kodwa ubonakala eseyilungele inselelo entsha ezingeni lamazwe omhlaba.

Isinyathelo sakhe esilandelayo sizocatshanga ngokucophelela. 

Okwamanje, uMosimane akasebenzi ndawo, kodwa ucingo lwakhe luyaqhubeka nokukhala umlibe. 

Njengomunye wabaqeqeshi abahlonishwa kakhulu e-Afrika, umsebenzi wakhe olandelayo nakanjani uzoba yindaba enkulu.

Kungakhathaliseki ukuthi ubuyela ebholeni lamakilabhu noma uya eqenjini lesizwe, uMosimane uzimisele ukuqhuba impumelelo yakhe.