
Uguqe ngedolo ‘wathandaza’ iBucs owe-Orbit encenge abadlali
Umqeqeshi we-Orbit College, uPogisho Makhoye usheshe wazicelela kwi-Orlando Pirates ukuthi ingabalandi abadlali ababili ebaboleke bona.
Ukhala ngokuthi laba badlali bayinsika nomgogodla weqembu lakhe futhi uzobadinga kakhulu nangesizini ezayo.
Leli qembu elizinze eNorth West, elikhushulelwe kwiBetway Premiership ngokunqoba kweyokuhlunga ngoLwesithathu, belinabadlali ababili elibaboleke kwi-Orlando Pirates.
Bobabili uSiyabula Mabele noGomolemo Khoto babambe iqhaza elikhulu ekusizeni i-Orbit College ukuthi igcine ikhuphukele kwiligi enkulu.
UMabele, oneminyaka engu-22 ubudala, ushaye igoli abanqobe ngalo umdlalo bebhekene noCasric ngempelasonto edlule.
Udedele ishodi ngobuchule engaphandle kwebhokisi, lmhlula unozinti ladla inethi, bathola lo mphumela omkhulu.
Umqeqeshi wakhe umfanisa nenhliziyo yeqembu lakhe ngoba nguye owenza izinto zenzeke.
Usayinwe yi-Orlando Pirates ngemuva kokudalal kahle kwiPirates Cup ngo-2023.
Waqoka njengoMdlali oVelele, yize ezakhe zahlulwa kowamanqamu sekukhahlelwa amaphenathi zibhekene neStars of Africa.
UKhoto yena ukhuliswe yiyo i-Orbit ngaphambi kokuthi asayinwe yiPirates.
NjengoMabele, ubuyele kwi-Orbit ebolekisiwe ukuze athi ukuqiniswa ukhakhayi ngokuthola isikhathi esanele sokudlala.
Manje uMakhoye uthi akafuni ukubadedela bobabili laba badlali ngoba usabadinga.
“UMabele wenza leli qembu liphile,” kusho yenakwiFARPost. “Usemncane. Kumele adlale masonto onke.
“Okufanayo nangoKhoto. Badinga isikhathi ukdlala njalo, futhi lokho bayakuthola lapha.”
UMakhoye uvumile ukuthi uyazi ukuthi ukukhuluma ngezinto ezifuze lezi esidlangalaleni akulungile.
Kodwa uthe ukwenziswa wukuthi ufisa kwaziwe akufisayo ngalaba badlali ngaphambi kokuthi kuhlangane izikhulu zamaqembu.
I-Orlando Pirates, eyakha kabusha iqembu layo, ingase ifune laba badlali abasebancane babuye ukuze bavezele umqeqeshi wayo omusha abangakwenza.
“Ngiyazi ukuthi sekuyindaba yasehhovisi manje lena, kodwa ngingathanda ukuba nabo nangesizini ezayo,” kuqhuba uMakhoye.
“Ngizokhuluma nePirates. Laba bafana bathuthukiswa lapha. Bafanelwe ukuba lapha okwamanje.”
Uthando lukaMakhoye ngalaba badlali lucacile. Kanjalo nomthelela wabo eqenjini lakhe.
Kodwa umbuzo omkhulu usasele — ngabe iPirates izobabuyisa, noma izobavumele ukuthi baqhubeke nokuzakhela amagama eRustenburg?
