
AmaZulu ashintsha unyawo, eza ‘nomswenko’ omusha
AmaZulu FC amemezele umxhasi omusha wezimpahla zokugqoka ngoMsombuluko, kanti ubudlelwano buzoqala ekuqaleni kwesizini ezayo.
IPrimo Sport izothatha indawo yeUmbro, obesekuphele iminyaka eyisikhombisa igqokisa Usuthu.
AmaZulu azoba yiqembu lesibili kwiPSL ukuxhaswa yiPrimo Sport esungulwe eThekwini.
IMagesi FC yiyona ebe yiqembu lokuqala ukudlubha izimpahla zale nkampani.
“Ngemva kweminyaka eyisikhombisa ne-Umbro, sesihlukene ngokuthula,” kusho umengameli waMaZulu uSandile Zungu esithangamini sabezindaba ngoMsombuluko.
“Ekukhetheni ozongena esikhundleni se-Umbro, bekufanele sicophelele futhi sibhekisise izimpande zomkhiqizo nokuthi izimpahla zabo zizotholakala kanjani kubalandeli baMaZulu.
“Sithole ubudlelwano esikholelwa ukuthi bungobesikhathi eside nomkhiqizo obizwa ngePrimo Sports.”
IMagesi beyisebenzisa izimpahla zePrimo Sports ngesikhathi ikhushulelwa esigabeni esiphezulu sePSL ngesizini edlule iholwa ngumqeqeshi owazalelwa eThekwini uClinton Larsen.
Iqhubekile nokwenza umlando ngaphansi kukaLarsen ngesikhathi inqoba iCarling Knockout Cup igqoke zona izimpahla zePrimo Sport.
IMagesi, elisendaweni embi yezembe, isigcine iphumile njengoba seyingaphansi kuka-Owen Da Gama othathe indawo kaLarsen.
Khonamanjalo, AmaZulu njengamanje ahlezi endaweni yesithupha kwiBetway Premiership ngamaphuzu angu-34 ngemuva kwemidlalo engu-27.
Umdlalo wokugcina wale kilabhu kule sizini izobhekana kuwo ne-Orlando Pirates ngoMeyi 24 eMoses Mabhida Stadium.
Lo mdlalo uzophawula okophothulwa kobudlelwano BoSuthu ne-Umbro ngaphambi kokudlulela kwiPrimo Sport ngesizini ezayo.
Ngesikhathi kwethulwa lobu budlewano, kuvezwe ukuthi kuzoba nomncintiswano wokudweba umsiko wejezi elisha loSuthu bese kuthi umsiko ozowina kube yiwona okwenziwa ngawo ijezi.
