EzintshaKaizer Chiefs

OweKaizer Chiefs ucacisa ngecebo ‘lokushiya kukhalwa’

Phakathi nesonto elidlule ishaye iGolden Arrows emdlalweni weBetway Premiership ngo 1-0, yasala ibakaza ikhala nangokubanjwa ngophondo.

I-Arrows beyineminyakazo emihle kulowa mdlalo, futhi ihlasela kodwa ifice kuvalwe ngesigora sikashibhoshi emuva kwiKaizer Chiefs. 

NangeSonto yenze okufanayo kwiZesco United eZambia, la inqobe khona ngo 1-0 emdlalweni weCaf Confederation Cup.

Manje umqeqeshi uKhalil Ben Youssef useveze ukuthi banecebo lokunqoba imidlalo enzima abebesebenza ukuliphucula ngesikhathi sekhefu likaDisemba. 

“Besazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima. Ngesikhathi sizilungiselela lo mdlalo kule nkundla sithole ukuthi akudlaleki kuyo,” kusho uYoussef.

“Yingakho sidlale ibhola elihlukile nje. Besingeke njengabaqeqeshi sivumele abadlali badlale ngenye indlela ngoba bebengeke bakwazi.”

Uqhube ngokuveza ukuthi isikhathi sekhefu sibasizile ukuthi bahlanganise amacebo okunqoba imidlalo ngezindlela ezihlukene. 

“Nangesikhathi sekhefu sikwazile ukuhlanganisa amacebo okushaya amagoli ngaphansi kwezimo ezingasivumi.

“Lona bekungumdlalo wesibili la sikwazile khona ukusebenzisa leli qhinga ukushaya igoli.

“Sikwazile nokumelana nokusihlasela kwabo. Sijabule ngomphumela. Ngiyazi indlela esidlale ngayo ayizange ibe yinhle uma ubheka ibhola esijwayele ukulidlala.” 

IKaizer Chiefs manje seyizojikela emalungiselelweni omdlalo weligi ezobhekana kuwo neMarumo Gallants.

Lo mdlalo uzoba seDr Petrus Molemela Stadium ngoLwesithathu kanti uzoqala ngo-7.30 ebusuku. 

Kuzobe sekuthi ngeSonto yamukele iZesco emdlalweni womlenze wesibili ozoba seMoses Mabhida Stadium eThekwini.