
UMiguel Cardoso uveza okubambezele uLebo Mothiba kwiDowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso useveze ulwazi olubalulekile ngomgadli osanda kujoyina leli qembu uLebo Mothiba.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ujoyine iSundowns ngenkontileka yesikhashana ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kodwa ubengakadlali.
Manje uMiguel Cardoso uthi uyafisa ukumdlalisa uLebo Mothiba, kodwa kubukeka emancane amathuba alokhu ngaphambi kokuphela kwale sizini.
AmaBrazilians anike lo mgadli obegijima kwiStrasbourg inkontileka njengoba ebengenaqembu isikhathi eside.
ULebo Mothiba akakaze adlale umdlalo osemthethweni kusukela ngoDisemba 2023, kodwa uMiguel Cardoso uzimisele ukumsebenzisa emasontweni ambalwa ezayo.
“Ngiyethemba impela ngoba uMothiba ungumdlali osezingeni eliphezulu,” kusho uCardoso ebuzwa ngalo mgadli weBafana Bafana.
“Ungumdlali osezingeni eliphezulu kodwa usebe nesikhathini eside engadlali, kade elimele kabana okumthathe isikhathi eside ukululama,” kwengeza uCardoso.
“Selokhu ajoyina, ubenezingqinamba ezincane nokho ezingahlangene nokulimala abenakho.
“Kodwa usazama ukubuyela esimweni futhi imisipha yakhe isiyaqala ukumvumela.
“Ungumdlali okudingeka sicophelele ngaye futhi sizimisele ukukwenza lokho.
“Ungumuntu omangalisayo futhi siyajabula ukuba naye phakathi kwethu.
“Kodwa sidinga ukumnika konke ukwesekwa ukuze alulame futhi asisize esikhathini esizayo.
“Ngisenokulindela ukuthi angasidlalela ngaphambi kokuphela kwale sizini.”
Umqeqeshi weSundowns udalule ukuthi uMothiba ukwazile ukuthola imizuzu embalwa emdlalweni wobungani ngempelasonto.
“Izolo abadlali abebengekho nathi ekhempini bahlanganise umdlalo wokuzwana amandla neqembu leDiski, naye wadlala kuwo.
“Udlale imizuzu engu-15 kulowo mdlalo ngaphandle kwenkinga,” kuqhuba uCardoso.
“Sinesineke, naye unesineke. Nathi sikhathazekile, naye ukhathazekile kodwa siyazi ukuthi yini okufanele siyenze futhi sizokwenza ndawonye ukuze akwazi ukusijoyina esikhathini esizayo.”
