
UGrobler uveza okwenze aqome iSekhukhune emaqenjini abemhalela
Umgadli ongumakadebona uBradley Grobler useveze okwenze aqoke iSekhukhune United yize ekhona namanye abemhalela.
Uthi ukujoyina iSekhukhune United kube yinto ehambelana kahle nezifiso asafuna ukuzifeza ebholeni ngaphambi kokuwagaxa emgibeni amakhokho.
Uthi yena naleli qembu laseLimpopo kodwa elizinze eGoli banenhloso efanayo: ukunqoba izindebe.
Lo mdlali oneminyaka engu-37 ubudala uqale ngamandla eqenjini lakhe elisha, washaya amagoli amabili emdlalweni wakhe wokuqala.
Uphinde wahamba nomklomelo weMan of the Match ngesikhathi iBabina Noko ihlula i-TS Galaxy ngo-3-2 emdlalweni othokozisayo weMTN8 ngoMgqibelo.
“Ngifeze okuningi ebholeni, kodwa kusekhona okuningi engifuna ukukufeza,” kusho uGrobler.
“Sekuyisikhathi eside ngagcina ukuphakamisa indebe, futhi ngiyawukhumbula lowo muzwa manje.”
Ngemuva kokuchitha iminyaka engaphezu kweshumi kwiSuperSport United, uGrobler uthathe isinyathelo esikhulu ngokuya kwiSekhukhune.
Isinqumo sakhe, uthi, bekungesona nje esebhola kuphela — kodwa sihambisana nokulangazelela kwakhe impumelelo.
“Ngizwa sengathi ngijoyine iqembu elifuna indebe yalo yokuqala, futhi lokho kubaluleke kakhulu kimi.
“ISekhukhune inesifiso, amandla — futhi lokho kuhambisana kahle nombono wami ngale sizini.”
Yize lo makadebona esesondele ekuphuleni irekhodi lamagoli amaningi kwi-PSL — okungamagoli angu-129 — ukugcizelele ukuthi impumelelo yeqembu iza kuqala.
“Wonke umuntu ukhuluma ngamagoli angu-129. Yebo, lokho kukhona emqondweni wami,” kuvuma yena.
“Kodwa okwamanje okubaluleke kakhulu nokuphambili ukuwina izindebe. Lokho kuyinjongo enkulu yami njengamanje.”
UGrobler uzobe ebheke ukuqhubeka nomgqigqo aqale ngawo kwiSekhukhune uma sebeqala umkhankaso weligi ngempelasonto.
ISekhukhune izovakashela i-Orlando Pirates e-Orlando Stadium emdlalweni weBetway Premiership ozoba ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
