Ezintsha

USead Ramovic usongela amaqola antshontshe inombolo yakhe

Uthi kunabathile abantshontshe inombolo yakhe yaseNingizimu Afrika futhi usola ukuthi lokhu bakwenze ukuze bagile ngayo imikhuba, noa baqole abantu. 

USead Ramovic – okumanje usebenza kwiCR Beloiuzdad yase-Algeria, utshele iLisenethini ngoLwesithathu ekuseni ukuthi lezi zigebengu seziqalile ukufuna imali.

“Kuntshontshwe inombolo yami yocingo, manje sebeqalile bangifuna imali ukuze bayibuyise,” kusho lo mqeqeshi.

“Manje lokhu kuyangikhathaza ngoba angisakwazi nokufona ngoba le nombolo yiyo ebengifona ngayo futhi ngitholakala kuyo.

“Le nombolo enginayo lapha (ayisebenzisa e-Algeria) ngigcina ngokuthumela imiyalezo kuphela nje ngayo, ayikwazi ukukhipha izingcingo.

“Manje angiqondi ukuthi ngobani futhi bakuphi laba abangikhuthuzayo… ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi ngiyabazi.

“Kodwa ke ngizoluthathela izinyathelo zomthetho ezinqala lolu daba ngoba lamaqola angase aqole nabanye abantu egameni lami. Ngifuna ukuwafundisa isifundo angasoze asikhohlwa,” kuqhuba uSead Ramovic.

USead Ramovic uzakhele igama kwiTS Galaxy kwiBetway Premiership ngokuyenza yaba yiqembu elidlondlobala ngamandla futhi elidlala ibhola elikhangayo.

Uphinde wazakhela igama ngokukhiqiza abadlali abaningi okumanje sebenamagama abafana noLehlohonolo Mojela weStellenbosh FC, uSamukele Kabini osedlala phesheya noKamogelo Sebelebele osekwi-Orlando Pirates. 

Ushiye kwiGalaxy waya eqenjini laseTanzania iYoung Africans kodwa akangahlala kangako kuyo, wabe esedlulela kwiCR Belouizdad.