
Ufuna ukuhola iBafana ngobuqotho uNeo Maema
UNeo Maema owazalelwa eBloemfontein uzoba ngukapteni weBafana Bafana uma seyidlala ne-Egypt emdlalweni wokuhlungela iChan eFree State Stadium ngeSonto.
Lo mdlalo uzoqala ngo-5 ntambama. UNeo Maema uzwakalise ukuziqhenya ngokuhola iqembu edolobheni lakubo.
“Ngithobekile ukuba ukapteni weqembu lethu lesizwe. Abaqeqeshi bangethembe ngalo msebenzi.
“Sibe nokuzilungiselela okufushane kodwa okuqinile, futhi siyasekana,” usho kanje lo mdlalo weMamelodi Sundowns.
“Kumele sisebenzise ithuba lokudlala ekhaya senze abalandeli bethu baziqhenye. Kumele kube ngumzamo weqembu.
“Kufanele silalele abaqeqeshi bethu futhi sisebenzise esikufundile ngokushesha okukhulu.”
Leli qembu liqeqeshwa uMolefi Ntseki kulandela ukuhoxa kukaHelman Mkhalele. UNeo Maema ugqamise isimo esihle eqenjini.
“Isimo sihle kakhulu. Sinabadlali abancane abazimisele ngokufunda. Ngihloniphekile ukuhola nokuqinisekisa ukuthi simele izwe lethu kahle.”
Umqeqeshi, uNtseki, uthe bafuna ukushaya amagoli amaningi kulo mdlalo womlenze wokuqala ukuze baye e-Egypt sebeyoqedela umsebenzi.
Eqenjini eliqala umdlalo, uNtseki ubophele eliqinile njengoba linabadlali abanamava futhi asebeke badlala nakwiBafana enkulu.
Kubo singabala uMonnapule Saleng we-Orlando Pirates, uJamie Webber weSekhukhune United, uTerrence Mashego noNeo Maema beSundowns.
Nasebhentshini liqinile iqembu njengoba kukhona oSiyethemba Sithebe ongenaqembu njengamanje, u-Azola Teto weChippa United noBongani Sam weKaizer Chiefs phakathi kwabanye.
Iqembu lizobuyela eGoli ngoMsombuluko, lihlale ekhempini kuze kube liya e-Egypt ngoMashi 6.
- Ibophele kanje iBafana kulo mdlalo:
Abaqalayo: Xulu – Mfolozi, Mashego, Smith, Baloyi – Webber, Luthuli, Maema – Matodzi, Saleng, Jasen
Ebhentshini: Gumede – Sithebe, Teto, Hlongwane, Sam, Mini, Seabi, Tshobeni, Mhlongo, McCarthy
