
Ufuna ‘isiphuzo’ nonompempe oweSekhukhune, baxoxe kahle
- Sibongiseni GUMBI
Yize engalibekanga ngembaba, ekhala ngokuthi kuzothiwa ukhulume kabi, kodwa uMcDonald Makhubedu uthe ufuna ukuhlala phansi nomunye wonompempe.
Lo mqeqeshi weSekhukhune United ukusho lokhu ngemuva kokubhuliswa amazolo kwezakhe kwiMTN8, beshaywa yiCape Town City ngo 1-0.
Igoli leCity lingerie umdlalo usuyophela futhi kube yiphenathi evalelwe phakanti uMendez Gonzalez.
Lo mdlali ubeke wayigeja enye iphenathi esiwombeni sokuqala, kodwa waligeza igama lakhe kwesesibili.
“Angifuni ukukhuluma kakhulu. Kodwa amaphenathi, angali,” kusho uMakhubedu ngemuva komdlalo.
“Kodwa amakhadi nokudlala kabi, hhayi. UPetrus (weCity) bekumele ngabe ukhishwe ngekhadi elibomvu. Ubaqedile abadlali bethu.
“Mhlawumbe kodwa yimi obhedayo. Sihlulwe yiqembu elihle. Sinabo abahlaziyi abazosicacisela yonke into.
“Angikhali ngamaphenathi, uyena obesendele kunami, mina bengisebhentshini.
“Angifuni ukukhuluma izinto ezizongifaka enkingeni. Nabo banemindeni ngakho kumele sibahloniphe.
“Omunye owangasekhaya, ngizombona ngoba ngizoya ekhaya kusasa. Sizokhuluma ngalento mhlawumbe sibe nanesiphuzo siyetshise kahle.
OLUNYE UDABA: Isibulele kodwa iPSL ngale ndlala esifake kuyo
“Akekho ongiphoxile, kodwa kumele sihloniphane. Sihloniphe nemisebenzi yethu,” kusho uMakhubedu.
