
OweRichards Bay uveza ‘amanga’ kaRulani
- Sibongiseni GUMBI
Umnikazi weRichards Bay FC ophinde abe ngusihlalo, uSifiso “Jomo” Biyela, uyichithile imibiko yokuthi uke waxoxa noRulani Mokwena ngomsebenzi wokucija leli qembu.
UMokwena, ngesikhathi enengxoxo emsakazweni kwiiSports Night Amplified no-Andile Ncube ngoJulayi, wathi wenqaba isicelo seRichards Bay FC esasinemali enhle.
Waveza ukuthi ubengeke akwazi ukusebenza eNingizimu Afrika abe sebhentshini eliphikisana nabadlali beSundowns anobudlelwano obuhle nabo.
UMokwena ugcine ethathe umsebenzi wokucija izinkunzi zaseMorocco iWydad Athletic Club.
Engxoxweni yakamuva neMetro FM, uBiyela ukuchithile lokhu okwashiwo uMokwena, wathi akakaze akhulume naye ngalo msebenzi.
“Angikaze ngibe nengxoxo noRulani Mokwena,” kufunga uBiyela.
“Ukube ubenengxoxo ngokujoyina iRichards Bay, cishe waba nayo nomunye umuntu hhayi mina.
“Kumele akutshele yena iqiniso; akakaze abe nengxoxo nami mayelana nomsebenzi wokuqeqesha iRichards Bay.”
UBiyela uvumile ukuthi kungenzeka ukuthi uMokwena wakhuluma nomuntu amaziyo kodwa wakucacisa ukuthi lokhu akwenziwanga nngemvume yakhe.
Ugcizelele ngaleso sikhathi waygculisekile ngoVusumuzi Vilakazi futhi wayengenasizathu sokufuna uMokwena.
OLUNYE UDABA: Inkakha inxenxa iChiefs ngokungaxegisela uNabi umsebenzi
Nokho uVilakazi useshiyile kwiRichards Bay, ekhala ngokuthi izimfuno abekelwe zona ngabaphathi zingaphezu kwamandla akhe.
