EzintshaKaizer Chiefs

Inkakha inxenxa iChiefs ngokungaxegisela uNabi umsebenzi

  • Alfred NGUBANE

Le nkakha ibona uNabi kumele aphume ngaphandle kwakuleli, ayolanda abadlali abazomsiza kulo msebenzi omhlalele wokutakula Amakhosi. 

Kubikwa ukuthi uNabi ucele ukuba asayinelwe uFiston Mayele okumanje udlala kwiPyramids e-Egypt phakathi kwabanye.

“IKaizer Chiefs ayinabo abagadli abangashaya amagoli angu-20 kuya phezulu ngesizini,” kusho uMlwane.

“Yingakho ke kuzomele ikhuthuluze amaphakethe, ithenge u-Aziz Ki ongumgadli weYoung Africans. 

“Laba bagadli abakhona njengamanje babuthaka. O-Ashley Du Preez noRanga Chivaviro babuthuntu kakhulu, ngeke bawashaye amagoli ayishumi… 

“URanga Chivaviro yena usindwa nangumzima manje lokho kumenza agcine eselifuna lapho lingekho khona ibhola,” kuqhuba uMlwane.

Ukube kuya ngokukaMlwane, iChiefs beyizovele ikhohlwe uChivaviro, igxile ekutholeni omunye umgadli. 

Njengoba engayizwa ekaChievaviro, kodwa usenethemba ngoDu Preez athi uma engazimisela ukulalela uNabi, engathuthuka.

“UNasraddine Nabi angamsebenzisa u-Ashley Du Preez ngoba usemncane, kukhona angakuncela kulo mqeqeshi ngoba unamava. 

“Inkinga ka-Ashley Du Preez wukuthi usuke afune ukujaha phambili kanti akamuhle kahle ekususeni abadlali basemuva phambi kwakhe,” kusho uMlwane.