
UTeboho Moloi nomlayezo oshubile kubadlali abasha kwiPirates
Ingwazi ye-Orlando Pirates, uTeboho Moloi usekhiphe umlayezo oqinile obheke kubadlali abasha baleli qembu ngesimo elikuso njengamanje.
UMoloi uyavuma ukuthi isimo esingesihle sookuphikwa yimiphumela iqembu elikuso njengamanje kungenzeka sibacindezele abadlali abasha eqenjini.
Kodwa, uthi lesi yisikhathi okufuneka basukume ngaso, bakhombise ukuthi bakufanele ukuba kuleli qembu elinomlando onothile ebholeni lakuleli.
“Mina ukube ngikwiPirates bengizobatshela abadlali abasha ukuthi, “uma uhlaselwa wukwesaba, ngicela uhambe iye ehhovisi uyocela usihlalo akukhulule’.
“Kungani kumele sisabe? IPirates ayilona iqembu lamagwala,” kusho uMoloi kuleli sonto kwiKickOff.
Uthe nabalandeli akumele batatazele noma bangenwe amanzi emadolweni ngoba usihlalo, u-Irvin Khoza usekhona eqenjini.
“Usihlalo namadodana akhe basekhona ekilabhini, pho kungani kumele sisabe singabalandeli?
“Ukwesaba kwethu kuzothikameza nabadlali. Njengabalandeli abaqotho bePirates, lesi yisikhathi sokusukuma sikhombise ukuthi singamaBhakabhaka oqobo.”
Kubalandeli, le nkakha ishiye umlayezo wethemba: “IPirates izokumangaza uma izinto ziyitshekele. Mina angikhathazekile ngokuhlulwa kabili.”
FUNDA NALA | Uphinde walijika eliqama umdlalo u-Ouaddou
Izinto ziyitshekele iPirates njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ntambama e-Orlando Stadium.
Lamaqembu azovovana inkani emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 obhekwe ngabomvu – amathikithi awo adayise aphela kusasele isonto.
Abalandeli bazothemba ukuthi amazwi kaMoloi azoba yiqiniso, iqembu livuke lizithathe, lidumaze oS’duma ngabanye ngoMgqibelo.
