EzintshaMTN8

Usishintshile, wasisetha ngenye indlela isikimu u-Ouaddou

I-Orlando Pirates izogadulisana neMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wokuqala wemidlalo eyandulela owamanqamu kwiMTN8.

Lo mdlalo uzoba se-Orlando Stadium kanti uzoqala ngo-3 ntambama. Amathikithi alo mdlalo abesedayiswe aphela ngoMsombuluko ngakho kulindeleke igcwale phama le nkundla. 

U-Ouaddou uya kulo mdlalo enengcindezi enkulu njengoba ehluliwe emidlalweni emibili edlule yeBetway Premiership. 

Uhlulwe yiSekhukhune United khona e-Orlando Stadium ngempelasonto edlule, wabe esephindwa yiMarumo Gallants eBloemfontein phakathi nesonto. 

Ukulimala kukakaputeni uNkosinathi Sibisi kuphoqe ukuthi ashintshe udonga lwasemuva njengoba efake uLebone Seema endaweni yakhe.

Emuva kwesokudla ubuyise uDeano Van Rooyen onamava ngemuva kokuthi uTshepo Mashiloane abeqala ngaye kule midlalo edlule ekhombise ukuthi isathukela isisinga. 

Esiswini maphakathi nenkundla ubuyise uThalente Mbatha, ozodlala noSihle Nduli kanti ophikweni kukhona uKamogelo Sebelebele ongene endaweni ka-Oswin Appollis. 

Phambili khona ubuyisele u-Evidence Makgopa, othathe indawo kaBoitumelo Radiopane obeqale yomithathu imidlalo esadlalwe yiPirates kule sizini.

Yize ebethembisa, uRadiopane ukukhombisile ukuthi usazodinga isikhashana ukuthi akwazi ukuthi ahole ukuhlasela kweqembu. 

U-Ouaddou uya kulo mdlalo nje ingcindezi esemahlombe akhe ingangezintaba zoKhahlamba futhi abanye abalandeli sebeqalile ukukhalela ukuthi akhonjwe afike ngayo. 

Abophele kanje lamaqembu kulo mdlalo obhekwe ngabomvu yizwe lonke:

  • Orlando Pirates – Abaqalayo (4-5-1): Chaine – Hotto, Van Rooyen, Mbokazi, Seema – Mofokeng, Sebelebele, Mbatha, Nduli, Maswanganyi – Makgopa  
  • Ebhentshini: Dladla, Radiopane, Xoki, Mariko, Mbule, Dlamini, Appollis, Moremi, Ndaba
  • Mamelodi Sundowns – Abaqalayo: Williams – Modiba, Mdunyelwa, Kekana, Cupido – Mathews, Sales, Zwane, Allende, Mokoena – Rayners
  • Ebhentshini: Onyango, Lebusa, Lunga, Adams, Aubass, Mkhulise, Lethlaku, Mabena, Shalulile