Ezintsha

UGavin Hunt usahlwaya emakethe, ukhala ngesimo sabasayinile

Ibheke ukuqinisa ikakhulukazi phambili njengoba iStellies ilwela ukukhuphuka isuke ngasemsileni kwilogi yeBetway Premiership.

Ekhuluma ngemuva komdlalo wakhe wokuqala ephethe kuleli qembu, uGavin Hunt uvumile ukuthi iqembu alibukhali kangako phambili yize liqale kahle. 

IStellies iguqise iSekhukhune United ngo 1-0 ePolokwane kuleli sonto. Igoli lishaywe umgadli omusha uTshegofatso Mabasa embolekwe yi-Orlando Pirates.

Selokhu efikile kwiStellies, uHunt useqinise ngabadlali abathathu kodwa ababili babo bafike ngokubolekiswa.

UTshegofatso Mabasa bamnikwe yiPirates, uKobamelo Kodisang bamthole kwiMamelodi Sundowns kanti uMosa Lebusa yena bamthole mahhala kulandela ukudedelwa yiSundowns. 

Ukunqoba kwiSekhukhune kukhuphulele iStellenbosch endaweni ka-13 kwilogi njengoba seyinamaphuzu angu-15.

Kodwa noma kunjalo uHunt ukubeke kwacaca ukuthi ukwakhiwa kabusha kwaleli qembu kusasekuqaleni.

“Siyashoda kakhulu phambili njengoba ubona,” kusho uHunt ngokungagwegwesi.

“Sinabagadli ababili kuphela. Sidinga abadlali abathathu noma abane. Lezo yizindawo esisebenza ukuziqinisa.”

UGavin Hunt uphoqeleke ukuthi asuse uDevin Titus endaweni ayijwayele amenze umgadli, kanti uchazekile ngendlela asebenze ngayo.

Lo mqeqeshi osewine iligi amahlandla amane uphinde wagqamisa ubunzima bewindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari.

Uvumile ukuthi amakilabhu aba madolo nzima ukukhulula abadlali bawo maphakathi nesizini.

“UJanuwari uhlezi uyiwindi elinzima. Abantu abafuni ukudedela abadlali. Kodwa sizoqhubeka sizame,” kuqhuba yena.

Ukwengeza kule nselelo, uHunt uveze ukukhungatheka kwakhe ngamazinga okuqina kwabasanda kufika.

Uveze ukuthi bebengacijwa ngendlela efanele emaqenjini abebekuwo. “Bathi bebeziqeqesha, kodwa uma ubheka, awukuboni lokho,” kwengeza yena.

“Basuka emaqenjini anezikwati ezinkulu, abanye babo bebeziqeqesha eceleni. Manje kufanele ngizame ukubasebenza ekubeni sizinwe imidlalo yeCaf neyeligi.”

Naphezu kokukhathazeka, uHunt ukhuthazwe wumthelela kaMabasa, okwazile ukudlala imizuzu engu-70.

“Bengingacabangi ukuthi angahamba ibanga elide kangako, kodwa ungumangazile,” kuchaza lo mqeqeshi ongumakadebona.

Ngokuzibophezela kwiCaf =neqembu elincanyana ngaphansi kwengcindezi, umnyakazo olandelayo weStellenbosch emakethe uzoba ngobalulekile.