EzintshaKaizer Chiefs

UFarouk Khan akazachazekanga yiChiefs yize iwinile

Ekhuluma kwiSoccer Beat ngemuva komdlalo, uFarouk Khan uthe ukudlala kweKaizer Chiefs akuzange kugculise nakancane.

Kodwa yize kunjalo, Amakhosi ukwazile ukuhamba namaphuzu aphelele ngemuva kokushaya iDurban City ngo 1-0 kulo mdlalo weBetway Premiership obuseMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu ebusuku. 

“Uma ubheka indlela edlale ngayo futhi ukubuka ngeso elingenzeleli, uzobona ukuthi kuzenzakalele nje,” kusho uKhan. 

“Ngiqonde ukuthi, uma ubheka umdlalo wonke – kusukela ngomzuzu wokuqala iChiefs ibibukeka ithembisa kodwa bekulula ukuyihlonza ekuzamayo.”

Kube ngumgadli ongene esiwombeni sesibili uFalvio Da Silva oshaye igoli elibalulekile elinqobise iChiefs lo mdlalo.

Leli goli lakhe ulishaye ngomzuzu ka-87, engqofela enethini ngobuchule ibhola abeligotshelwe nguGaston Sirino.  

“Ububona ukuthi uGavin, njengoba eyazi indlela iKaizer Chiefs edlala ngayo, ubenecebo. 

“Futhi ngicabanga ukuthi lisebenze kahle kuze kube yilowo mzuzu ka-87,” kuqhuba uFarouk Khan. 

“Futhi ngicabanga ukuthi uma uyibuka futhi ufuna ukuqhubekela phambili futhi ube neso elingenzeleli, kufanele ubone ukuthi ibingagculisi. 

“Kodwa ke wonke umuntu othanda iChiefs, uzowamukela amaphuzu amathathu ngoba uma ukube umphumela ubungahambanga ngendlela yabo, abadlali bebezosala bedangele futhi bephoxekile.”

Njengoba amaphuzu abalulekile esesikhwameni, Amakhosi manje asebheke emdlalweni olandelayo lapho ezosingatha khona i-Orbit College e-FNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.