
OweCongo uchaza eyokufika sekusondele umdlalo
- Sibongiseni GUMBI
Kuke kwaba nokudideka lingafiki iqembu elizobhekana neBafana Bafana emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoLwesihlanu.
ICongo-Brazzaville ize yatheleka kuleli ngoLwesine ntambama, sekusele ngaphezu kancane kwamahora angu-24 kuqale umdlalo.
Lokhu akuvamisile ukwenzeka njengoba iqembu liyaye lifice kusasele okungenani izinsuku ezimbili ukuze lizijwayeze indawo.
Engxoxweni neSABC Sport, umqeqeshi weCongo, u-Issac Ngata ukwenze kwangathi yinto encane okwenzekile, ethi akusho lutho.
“Cha, akuyona into enkulu,” kusho lo mqeqeshi. “Bekumele sifike izolo (NgoLwesithathu) kodwa sathola ukuthi isikhumulo sezindiza sivala ngo-8 ebusuku.
“Besifuna ukusuka ngaphambili kwalokho kodwa asangakwazi. Akuyona into enkulu futhi sikwazile ukufika lapha.”
Nokho bekunemibiko eCongo ethi inhlangano eyengamele ibhola khona, iFecofoot ibhekene nezinkinga.
Ngisho ukumenyezelwa kweqembu elizobhekana neBafana kubambezelekile njengoba amaphoyisa ombutho kahulumeni egasele emahhovisi ale nhlangano.
Afike aqoqa amaphepha athile, akhipha nabasebenzi emahhovisi kwaba nesixakaxaka nje ongasazi.
Lokhu abanye bathe yikho okubambezele iCongo ekutheni ifike kuleli ngesikhathi esifanele.
UNgata wenqabile ukungena kulezo, waqoka ukukhuluma ngeqembu lakhe nokulungela kwalo ukubhekana neBafana.
“Akubanga kubi kangako, futhi sijabule, siwubheke ngabomvu umdlalo,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Yize singabatholanga ngesikhathi abadlali abadlala ngaphandle (kwaseCongo) ngenxa yokuthi amaligi adlala nangeSonto.
Umdlalo weBafana neCongo-Brazzaville uzoba seNelson Mandela Bay Stadium kanti uzoqala ngo-6 ntambama.
