
Okushiwo uBroos eqopha umlando neBafana
Umqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos, uwashayele ihlombe ‘amaqhawe akhe aqophe umlando’ ngemuva kokuba iNingizimu Afrika ishaye iSouth Korea ngo 1-0 kwiNdebe yoMhlaba ngoLwesine ekuseni.
Lokhu kunqoba okuyingqayizivele eMonterrey kuphakamisele iNingizimu Afrika endaweni yesibili kuGroup A.
Lokhu kusho ukuthi manje isizobhekana neCanada emdlalweni wesigaba sokuqala semidlalo yomkhumulajezi eLos Angeles ngeSonto.
UBroos obechichima yinjabulo kanti ukhulume ngemuva kwempempe yokugcina, ebonakala ukuthi ugajwe yimizwa ngenxa yale mpumelelo.
“Ngiyazi ukuthi ngiziwa kanjani kodwa kunzima ukukuchaza,” kusho lo mqeqeshi obizwa ngelikaMadala eqenjini lakhe.
“Kuyamangalisa. Bekunzima kakhulu namuhla kodwa sidlale umdlalo omuhle kakhulu.
“Siwakhile amathuba futhi ngokwamaqhinga besisezingeni eliphezulu.
“Bekunzima kakhulu kwiSouth Korea ukuthola isikhala. Sivale kahle emuva futhi besiyingozi uma siya phambili.”
Lo somaqhinga uvumile ukuthi isigaba sokugcina salo mdlalo besishube kakhulu, ikakhulukazi ngemuva kwegoli likaThapelo Maseko ngomzuzu ka-63.
“Emizuzwini engu-20 yokugcina inhliziyo yami beyigubhazela, bengifisa sengathi umdlalo ungaphela ngokushesha okukhulu!.” kuvuma uBroos emamatheka.
“Lokhu kungomlando, ngiyabajabulela kakhulu abafana. Esikwenze kule minyaka emihlanu edlule kuyamangalisa.”
U-HUgo Broos uthi lo mlando ube yimpumelelo ngenxa yobumbano nobudlelwano obuqinile obukhona eqenjini.
“Uma nisebenza ngokubambisana iminyaka emihlanu, kuba nokuxhumana okukhethekile,” kwengeza yena.
”Sisebenze kanzima nabaqeqeshi nabadlali — ezikhathini eziningi bangabangani bami njengoba ngingumqeqeshi obatshela okufanele bakwenze.
“Lokho ukuxhumana okuhle kakhulu.” Manje iBafana isibheke eLos Angeles ngeSonto.
- FUNDA NALA | UMaseko uphawula ngeokugxekwa ababhekane nakho
Izobe ibheke ukuphinde igile ezinye izimanga ngokuwashiya osokhaya ijezi kulo mqhudelwano, idlulele esigabeni esilandelayo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
