
UDolly ucacisa ‘eyezigidi’ abezihola kwiChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Yize kuyinto angayithathelanga phezulu, uKeagan Dolly useveze ukuthi ukuqagela ngeholo lakhe kwaba nomthelela enhlalweni yakhe kwiKaizer Chiefs.
UDolly usayinwe yiChiefs ebuya phesheya eFrance, kanti kwaba nemibiko ethi umholo wakhe ubalelwa ku-R1.4 million.
Lokhu yingxoxo ebijwayele ukuvela uma kukhulunywa ngalo mdlali, kungaba uyancoywa noma uyasolwa.
Njengoba eseshiyile kwiChiefs, uDolly usephawulile ngalokhu, ethi kungamanga ngoba umholo wakhe ubungasondeli kwakusondela lapho.
Uthe lamahlebezi ngomholo wakhe wadala izinkinga ngaphakathi kwiChiefs, nasempilweni yakhe.
“Njengoba bekunokuqagela ngokuthi ngihola malini nemihlomulo nokunye kwiKaizer Chiefs,” kusho uDolly kwabeSNL24.
“Nokuthi bengibuye ngingadlali, kwenza abalandeli bangibuke kabi, ngokuthi iqembu lingiholela kahle kodwa angidlali.
“Kodwa ke ngabe sengizama ngakho konke ukuthi ngingakunaki okushiwo ezinkundleni zokuxhumana ukuze kungangididisi.”
Uthe wayezama ukulungisa lamanga kodwa ingekho indlela eqondile ayengayisebenzisa kwazise umholo uyimfihlo yomsebenzi nomqashi.
“Mina bengizama ukulawula lokho engingakulawula,” kuqhuba yena kule ngxoxo ekhethekile.
“Ngangazi ukuthi akuyona le mali abayishoyo kodwa bengingeke ngilawule ukuthi abantu bacabangani.
“Bengingeke ngilawule ukuthi bacabangani ngendlela engenza ngayo enkundleni.
“Mina bengizizwa ukuthi njalo uma ngingena enkundleni, bengizinikela ngakho konke ukulwela iKaizer Chiefs.
“Kodwa ke ekugcineni kosuku uma kwenziwa ihaba ezinkundleni zokuxhumana, kuba nzima.
OLUNYE UDABA: ISafa iziphendulela kweyokucela usizo lokuholela umqeqeshi
“Leyo (eyomholo) yinto okuthi namanje uma ngiyicabanga ngivele ngizihlekele,” kusho yena.
UDolly njengamanje akakabi nalo iqembu azodlala kulo njengoba kuvela ukuthi usazanyelwa phesheya.
