
UJose Riveiro nomlayezo kubalandeli be-Orlando Pirates
UJose Riveiro usethumele umyalezo okhethekile kubalandeli be-Orlando Pirates ngesikhathi evalelisa ngemuva kweminyaka emithathu eyimpumelelo.
Lo mqeqeshi waseSpain uyahamba futhi lokho akwehlanga kahle kubalandeli abbaningi be-Orlando Pirates.
Kuqinisekiswe yiqembu ngoMsombuluko ekuseni ukuthi uzohamba ngemuva komdlalo wangoLwesibili lapho bezosingatha khona iGolden Arrows e-Orlando Stadium.
Kuvele ukuthi uJose Riveiro uzoyishiya i-Orlando Pirates ajoyine iziqhwaga zase-Egypt, i-Al Ahly ngenkontileka yeminyaka emibili.
Ngemuva kwalesi simemezelo, uRiveiro uhloniphe abalandeli, abagcwalise i-Orlando Stadium ngemidlalo yasekhaya nezinye izinkundla uma besekuhambeni.
“Ngifuna ukudlulisa ukubonga kwami okuqotho kwi-Orlando Pirates ngokungivumela ithuba lokuhamba ngaphambi kokuphela kwenkontileka yami.
“Njengomuntu ongakaze akuthole kulula ukuvalelisa, lesi yisikhathi esivusa umunyu, ikakhulukazi kimi,” kusho uRiveiro.
“Ngibonga kakhulu kuwo wonke umuntu ekilabhini – kusukela kubaphathi ithimba labaqeqeshi kuya kubadlali kanye nabantu abaningi abasebenza ngokuzikhandla ukweseka iqembu.
“Kubadlali, ngiyabonga ngokukholelwa kule ndlela esiyihambe ndawonye nangokuzinikela ngayo yonke into enkundleni.
“Kubalandeli… Ngesikhathi ngifika, nganinxusa ukuthi niphume ngobuningi benu ukuze nifake iqembu lenu umfutho.
“Nikwenzile lokho, nangaphezulu. Nenze ukuthi yonke imidlalo ibe yisikhathi esiyohlale sikhumbuleka, futhi uthando lwenu luzohlala enhliziyweni yami kuze kube phakade.
“Ngiyabonga ngokuthi nangivumela ukuthi ngibe yingxenye yokubhalwa komlando wale kilabhu enkulu,” kusho uRiveiro.
Abalandeli be-Orlando Pirates manje kulindeleke ukuthi bagcwalise i-Orlando Stadium ngoLwesibili ukuze bavalelise kahle kuJose Riveiro.
Lo mdlalo weBetway Premiership ne-Arrows ubekelwe ukuthi uqale ngo-7.30 ebusuku.
