
UCross uveza umuzwa wakwiNdebe yoMhlaba, nakufice kwiChiefs
Umdlali we-Kaizer Chiefs, uBradley Cross, usekhulume ngohambo lwakhe lweNdebe yoMhlaba neBafana Bafana.
Lokhu kulandela ukubuyela kwakhe kwiChiefs ebisekhempini yayo yokulungiselela isizini entsha eSpain.
IChiefs iqede uhambo lwayo ngokuhlulwa ngo 2-1 yiqembu leSpanish La Liga, i-Elche CF, ngoMgqibelo.
UCross uthi ukudlalela iNingizimu Afrika kube yinto angeke ayikhohlwe empilweni yakhe.
Lo mdlali ube yingxenye yeBafana Bafana eqophe umlando eNdebeni yoMhlaba ka-2026.
IBafana Bafana ifinyelele esigabeni somkhumulajezi okokuqala emlandweni wayo.
“Bekuyinto emnandi futhi kuyinto enkulu ukumela izwe lami emqhudelwaneni omkhulu,” kusho uCross.
“Sasebenza kanzima futhi sawufeza umgomo wethu wokudlulela esigabeni esilandelayo.
“Ngiyethemba ukuthi ngalokho senze abantu baseNingizimu Afrika bazigqaja ngathi.”
U-Bradly Cross ubuyele kwi-Kaizer Chiefs ngemuva kokuthatha ikhefu elifushane ngemuva kweNdebe yoMhlaba.
Udlale imizuzu engu-45 emdlalweni ophele zibambene ngo 1-1 ne-Al Khalood yaseSaudi Arabia neminye wafanayo bebhekene ne-Elche.
Uthe uzizwa esesimweni esihle futhi esekulungele ukuqala kwesizini entsha.
Uphinde wancoma umoya omuhle phakathi kwabadlali ngesikhathi besekhempini eSpain.
“Ngiyabona ukuthi umuzwa eqenjini muhle kakhulu. Ozakwethu bazwana kahle,” kuqhuba yena.
“Sidinga ukusebenza ngokubambisana njengeqembu, sakhele phezu kwesikwenza kahle bese silungisa amaphutha.
“Kuseyisikhathi sokulungiselela isizini ngakho imiphumela ayisho lutho ngaphandle kokusibonisa lapho kumele siqinise khona.”
- FUNDA NALA | Kuvela okwenze uMakhanhya angabuyeli kwelase-US
I-Kaizer Chiefs manje isizogxila emdlalweni weToyota Cup neScotland FC yaseZimbabwe ongeSonto.
U-Bradley Cross ucele abalandeli ukuthi baqhubeke nokweseka iqembu kule sizini entsha.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
