EzintshaIndebe yoMhlaba

U-Infantino nesicelo kubalandeli ngokwehliswa komoya

Umengameli weFIFA, uGianni Infantino, usecele abalandeli bebhola emhlabeni wonke ukuthi “behlise umoya”.

Ukusho lokhu njengoba sekusele amahora ambalwa ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba ka-2026.

Lokhu kuza ngesikhathi iFIFA ibhekene nokugxekwa okukhulu ngenxa yezinkinga zama-visa, imigomo yokungena e-US nokubiza kakhulu kwamathikithi.

Ekhuluma nabezindaba, u-Gianni Infantino uvikele ngokuqinile indlela iFIFA ephethe ngayo lolu daba.

“Asihlali emoyeni, sihlala emhlabeni. Asiyona inkosi yomhlaba engatshela ohulumeni noma amaphoyisa ukuthi benzeni,” kusho yena.

“Ngiyacela abantu behlise umoya. Sisebenza kanzima ukuthola izixazululo. 

“Kwesinye isikhathi siyaphumelela, kwesinye isikhathi asiphumeleli.”

Le nkulumo iza ngemuva kokuthi unompempe waseSomalia, u-Omar Artan, enqatshelwe ukungena e-US.

U-Gianni Infantino uphinde wavikela ukuduliswa kwamathikithi eNdebe yoMhlaba, wathi isidingo sawo sidlule kakhulu kobekulindelekile.

“Sesidayise amathikithi angaphezu kwezigidi eziyisithupha,” kuqhuba lo mengameli.

Isidingo besikhulu ngokuphindwe izikhathi eziyishumi kunalokho ebesikulindele.” 

Uveze ukuthi ukube amathikithi abeshibhile bekuzovele kuzogcina esedayiswa ngomgunyathi ngemali ephindiwe.

U-Gianni Infantino ubuye wazishaya isifuba ngokuthi i-Iran izokwazi ukudlala kulo mqhudelwano naphezu kwezingqinamba zezombusazwe nezempi ebhekene nazo.

“Ngitshele iqembu lase-Iran ukuthi lizofika lapha noma ngabe kufanele ngihambe ngebhasi ngiyobalanda mina uqobo,” kusho yena ehleka.