
IChiefs iklomelisa uSheppard othole iziqu eziphezulu
I-Kaizer Chiefs isibongele omunye wabaqeqeshi bayo, u-Dillon Sheppard, ngemuva kokuthi ephumelele ukuthola iCaf A Licence.
Lezi yiziqu esivumela abaqeqeshi ukuthi basebenze ezingeni eliphezulu ebholeni lase-Afrika.
USheppard uthole lezi ziqu eTanzania ngemuva kokuphothula ngempumelelo izifundo zakhe. Usevele ephethe ne-Uefa A Licence ayithola ngaphambilini.
Lo mqeqeshi uveze ukujabula kwakhe ngale mpumelelo, ethi kube wuhambo olude olube nezinselelo eziningi endleleni.
“Ngiyaziqhenya ngokufeza lokhu. Uhambo lwaqala kudala futhi lube nezinselelo endleleni,” kusho uSheppy.
“Kodwa ngiyajabula ukuthi sengifinyelele esiphethweni. Ngibonga iqembu ngokungeseka kuyo yonke le nqubo.
“Futhi ngizosebenza kanzima ukwabelana ngolwazi engilutholile nabadlali nabanye abaqeqeshi eqenjini.”
Umqondisi we-Kaizer Chiefs, uKaizer Motaung Junior, uncome u-Dillan Sheppard ngale mpumelelo.
“Siyakweseka ukufunda nokuthuthuka kwabaqeqeshi bethu,” kusho lesi sikhulu.
“Ukuba nomqeqeshi uSheppy osefanele ukusebenza ezingeni eliphezulu e-Afrika ngeCaf A Licence, ne-Uefa A Licence.
“Lokhu kusho ukuthi abadlali bethu bazozuza kakhulu. Siyaziqhenya futhi siyajabula ngaye,” kusho uMotaung Jr.
Ngaphandle kokuthola lesi siqu, i-Kaizer Chiefs iphinde yaqinisekisa ukuthi u-Dillan Sheppard usezoba yiphini lesibili lomqeqeshi eqenjini elikhulu.
- FUNDA NALA | UMosimane nombono ngokukhuliswa kwebhola kuleli
Uzosebenza ngaphansi komqeqeshi omusha uFernando da Cruz nephini lakhe uMahmoud Abbas.
USheppard uzoqhubeka futhi nokuba yisixhumanisi phakathi kweqembu lenkulisa eliqeqeshwa uVela Khumalo neqembu elikhulu.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
