
UCheeseboy uveza akutshelwe abe-Orbit ngoSaleng
Ingwazi ye-Orlando Pirates nesingumethuli kwiSoccerBeat, uLebogang “uCheeseboy” Mokoena useveze athi ukutshelwe abadlali be-Orbit College ngoMonnapule Saleng.
UMonnapule Saleng ujoyine i-Orbit ekuqaleni kwesizini ebolekiswe yi-Orlando Pirates okukholakala ukuthi ubenezinkinga kuyo.
Kuphele isizini edlule uMonnapule Saleng engasaziwa enkundleni kulandela okukholakala ukuthi kwaba yingxabano phakathi kwakhe nabaphathi beqembu.
Ukubolekiswa kwakhe kwiMswenko Boys bekubhekwe ukuthi kube yisiqalo esisha kuye, kumnike ithuba lokuvuselela ibhola lakhe.
Nokho izinto azikahambi ngendlela obekubhekwe ngayo njengoba nomqeqeshi we-Orbit uPogiso Makhoye eseveze ukungeneliseki kwakhe.
UMakhoye ukubeke kwacaca ukuthi uMonnapule Saleng akazinikele ngendlela abebheke ukuthi enze ngayo, waze wathi badlala kangcono uma engekho enkundleni.
Manje noCheeseboy useveze athi ukuzwe kozakwabo bakaSaleng, nabo abangagculisekile kahle ngaye nomthelela wakhe eqenjini.
“Kuyaphoxa ngoba ngibe nengxoxo nabanye babadlali, bangikhalela bathi, ‘bhut’omdala yazi asazi kwenzakalani ngesimo sakhe sengqondo’.
“Ngicabanga ukuthi uSaleng ngokwengqondo akaqinile ngokwanele futhi sakusho lokhu phambilini,” kusho uMokoena.
“Ukusuka eqenjini la wenzelwa khona yonke into, ofica ijezi selibekwe endaweni efanele uma uya ejimini, ukuya la kumele uyolipetulula khona esikhwameni akulula.
“Ngisho ufuna amanzi kumele uye empompini, zonke lezo zinto ziyakuthikameza. Sengike ngaba kuleso simo nami.”
Ube esenza isibonelo ngoshintsho okwadingeka alwenze ngesikhathi eyojoyina iMaccabi FC eyayidlala kwiNFD (yagcina ithengwe yiSwallows FC).
FUNDA NALA | OwaseNigeria udinwa eyokubizwa ngo-Onana
“Ngafika ngingumdlali onegama osedlale emaqenjini amakhulu kodwa konke lokho kwadingeka ngokulahle ngewindi.
“Kwadingeka ngifane nabanye abadlali engabafica khona kodwa bese ngibasiza ngamava engasengiwatholile empilweni yami,” kuchaza uMokeona.
