
Angase adedelwe oweBucs uma kuphela inkontileka
- Intatheli yeLISENETHIINI
Abaphathi be-Orlando Pirates kuthiwa babhala becishe ngomdlali wasemuva ozophelelwa yinkontileka kuleli qembu ekupheleni kwesizini.
Kuvela ukuthi isinqumo asikaphumi namanje ngokuthi leli qembu liyamgcina noma liyamkhulula uSandile Mthethwa odlala emuva.
Lesi sitobha sivele silithola amacozucozu ijezi kwiPirates njengoba ivele iyinhle emuva futhi kuthiwa kungenzeka akhululwe.
Ngokombiko weSoccer Laduuma, uMthethwa uphelelwa yinkontileka uma kusongwa le sizini kodwa kuze kube manje abaphathi abayikhulumi eyokuyivuselela.
“Ungomunye wabadlali abangase bakhululwe ngesizini ezayo,” ucashunwe umthombo usho kanje kulolu daba.
“Kuthiwa inkontileka yakhe iyaphela ekupheleni kwale sizini kodwa kuze kube manje abaphathi abayithi vu eyokuvuselela.
“Iqembu linabadlali abaningi basemuva abangaphambi kwakhe njengamanje kanti abafuni ukumncisha ithuba lokuyozama kwenye indawo.
“Yingakho ke bezomkhulula uma kuphela inkontileka yakhe,” uqhube kanje lo mthombo.
Kuthiwa enye yezinto ezibambezele uMthethwa wukulimala ngesikhathi kulungiselelwa isizini.
“Kuze kube manje akakaze adlale kule sizini njengoba esanda kululama ekulimaleni nokuyinto emkhinyabeze kanzima.”
UMthethwa ubanga indawo nabadlali abafana noThabiso Sesane, Olisa Ndah, Nkosinathi Sibisi, noTapelo Xoki
